UHiramu, inkosi yaseThire, wathuma izinceku zakhe kuSolomoni, ngokuba wayesezwile ukuthi ugcotshiwe ukuba abe yinkosi esikhundleni sikayise. UHiramu wayengumngani kaDavide zonke izinsuku zakhe.
UDuteronomi 20:11 - IsiZulu 2020 Kuthi uma impendulo kungeyezwi lokuthula, ukwemukela, abantu bonke abayotholakala kuwo bayoba yizisebenzi zakho ngempoqo, bakukhonze. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kuyakuthi uma ukuphendula ngezwi lokuthula, uzivulele kuwe, abantu bonke abafunyaniswa phakathi kwawo baba yizinceku zempoqo, bakukhonze. Contemporary Zulu Bible 2024 Uma kukuphendule ngokuthula, kukuvulekele, zonke izizwe ezifunyanwa kuwo ziyakuba ngabathelisi bakho, zikukhonze. |
UHiramu, inkosi yaseThire, wathuma izinceku zakhe kuSolomoni, ngokuba wayesezwile ukuthi ugcotshiwe ukuba abe yinkosi esikhundleni sikayise. UHiramu wayengumngani kaDavide zonke izinsuku zakhe.
Kepha wathi: “Ungababulali; ngabe ubathumbe ngenkemba yakho nangomnsalo wakho laba ofuna ukubabulala na? Beka isinkwa namanzi phambi kwabo ukuba badle, baphuze, babuyele enkosini yabo.”
“Kepha abantu bezwe lakhe babemzonda, ngakho-ke bathumela amanxusa, amlandela, ukuba afike lapho, athi: ‘Asithandi ukuba lo abuse phezu kwethu.’
Kepha uma nawe ungafuni ukwenza ukuthula, kodwa uzimisele ukulwa, uyokuwuhlasela, uwubhubhise.
Nokho-ke abakwazanga ukuwaxosha amaKhanani ayehlala eGezeri; ngakho-ke asahlala phakathi kwabakwa-Efrayimi kuze kube yinamuhla, kodwa bawenza izinceku zokubasebenzela.
Kodwa kusukela ngalolo lusuku uJoshuwa wabenza abathezi bezinkuni nabakhela ibandla lonke ne-althare likaSimakade amanzi. Lona ngumsebenzi abasaqhubeka ukuwenza nanamhlanje endaweni aziqokele yona uNkulunkulu.
Zathi kuJoshuwa: “Siyizinceku zakho.” Kepha uJoshuwa wathi kuzo: “Ningobani, futhi nivelaphi?”
Zathi kuye: “Izinceku zakho zivela ezweni elikude kakhulu ngenxa yegama likaSimakade uNkulunkulu wenu, ngokuba sizwile ngaye nangakho konke akwenza eGibhithe,
Kuthe u-Israyeli esenamandla, wawaphoqa amaKhanani ukuba amsebenzele, kodwa akawaxoshanga aphume aphele phakathi kwakhe.