Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UDuteronomi 2:5 - IsiZulu 2020

ningalwi nabo, ngokuba angiyukuninika izwe labo, ngisho nendawo yamathe onyawo, ngokuba iSeyiri ngalinika u-Esawu ukuba libe yifa lakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

ningalwi nabo, ngokuba angiyikuninika izwe labo, ngisho nendawo yamathe onyawo, lokhu ngimnikile u-Esawu intaba yaseSeyiri ibe yifa lakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ungagxambukeli kubo; ngokuba angiyikuninika okwezwe labo, ngisho nobubanzi bonyawo; ngoba intaba iSeyiri ngamnika uEsawu ibe yilifa.

Uka jalj uñjjattʼäta



UDuteronomi 2:5
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Esawu owayaziwa ngokuthi ngu-Edomi wazinza kwelezintaba eSeyiri.


Nantu uhla lwezizukulwane zika-Esawu, ukhokho wabakwa-Edomi, ababehlala kwelezintaba eSeyiri.


Mina ngenzile umhlaba, abantu nezilwane; okusebusweni bomhlaba; ngamandla ami amakhulu, nangezikhwepha zami, futhi ngikunika noma ngubani othandekayo emehlweni ami.


“Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho ngasentabeni iSeyiri uphrofethe umelane nayo,


sokuthi uyakuxoshwa kubantu, uhlale nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, umanziswe ngamazolo ezulu, kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwakho, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.


uyakuxoshwa kubantu, uhlale nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, kudlule phezu kwakho izikhathi eziyisikhombisa, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.”


Wazenza izizwe zonke ngagazi linye ukuba zakhe ebusweni bomhlaba, wamisa izinkathi ezinqunyiweyo nemingcele yokuhlala kwazo,


Kepha akamnikanga ifa kulo, ngisho nesiqinti esingangonyawo, kodwa wethembisa ukuthi uzakumnika lona libe ngelakhe nenzalo yakhe, emva kwakhe, engakabi namntwana.


Njengalokhu enza kwabozalo luka-Esawu ababehlala eSeyiri, ngesikhathi ebhubhisa amaHori phambi kwabo, ewephuca izwe lawo, kwase kuhlala bona endaweni yawo kuze kube yinamuhla.


Niyothenga kubo ngesiliva ukudla eniyokudla, namanzi eniyowaphuza, niwakhokhele isiliva.” ’


OPhezukonke lapho abela izizwe ifa lazo, lapho ehlukanisela abantwana babantu, wamisa imingcele yezizwe ngokwenani labantu bakwa-Israyeli.


U-Isaka ngamnika uJakobe no-Esawu. Ngamnika u-Esawu elezintaba kuze kube seSeyiri ukuba alidle libe yifa lakhe, kodwa uJakobe nabantwana bakhe behlela eGibhithe.