namaHori asezintabeni eSeyiri, bawanqoba, bawaxosha aze afika e-Eli Pharani ehlane.
UDuteronomi 2:12 - IsiZulu 2020 AmaHori ayehlala lapho eSeyiri kuqala, ephucwa izwe lawo, abhujiswa phambi kwabo ngabozalo luka-Esawu, kwaba yibo abakha endaweni yawo, njengoba no-Israyeli enza ezweni eliyifa lakhe, aliphiwa nguSimakade. IBHAYIBHELI ELINGCWELE AmaHori nawo ayehlala eSeyiri kuqala, kepha abantwana bakwa-Esawu bawaxosha, bawachitha phambi kwabo, bakha esikhundleni sawo njengalokho u-Israyeli enza kulo izwe elaliyifa lakhe, aphiwe lona nguJehova. Contemporary Zulu Bible 2024 AmaHori ahlala eSeyiri kuqala; kepha abantwana bakwa-Esawu babalandela, babachitha phambi kwabo, bahamba bahlala endaweni yabo; njengalokho u-Israyeli enza ezweni lefa lakhe uJehova abanika lona. |
namaHori asezintabeni eSeyiri, bawanqoba, bawaxosha aze afika e-Eli Pharani ehlane.
Njengalokhu enza kwabozalo luka-Esawu ababehlala eSeyiri, ngesikhathi ebhubhisa amaHori phambi kwabo, ewephuca izwe lawo, kwase kuhlala bona endaweni yawo kuze kube yinamuhla.
“USihoni waphuma, yena nabo bonke abantu bakhe, ukuzobhekana nathi, alwe nathi eJahazi.