UDuteronomi 19:14 - IsiZulu 2020 “Awuyukuwugudlula umngcele kamakhelwane wakho owamiswa ngokhokho, ukuba ube yindawo yefa lakho oyakulidla ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Awuyikususa umncele womakhelwane wakho ababewubeka abadala efeni lakho oyakulidla ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika ukuba ulidle. Contemporary Zulu Bible 2024 Ungawususi umkhawulo womakhelwane wakho abawubekile efeni lakho kusukela ezikhathini zasendulo oyakulidla ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle. |
Kepha uma kube yingozi engakusophile, kunguNkulunkulu omnikele esandleni sakhe, ngiyakummisela indawo lapho eyobalekela khona.
USimakade uyayisiphula indlu yabazidlayo, kodwa uyayiqinisa indawo yomfelokazi.
Abaholi bakwaJuda bafana nabagudluza imingcele kwa-Israyeli. Ngiyakuthululela kubo ulaka lwami njengamanzi.
“ ‘Makaqalekiswe ogudluza isikhonkwane sikamakhelwane wakhe.’ “Bonke abantu bayothi: ‘Amen.’
“Ngaleso sikhathi nganiyala ngathi: ‘USimakade uNkulunkulu wenu uninikile leli lizwe ukuba nilidle; niyakuwelisa phambi kwabafowenu bakwa-Israyeli wonke amadoda anesibindi ehlomile.