Bayakugcina umsebenzi wethende lokuhlangana, nezimfanelo zendawo engcwele, nezimfanelo zabozalo luka-Aroni, abafowabo, ekukhonzeni endlini kaSimakade.
UDuteronomi 18:7 - IsiZulu 2020 uyokhonza egameni likaSimakade uNkulunkulu wakhe njengabo bonke abafowabo, abaLevi, abama lapho phambi kukaSimakade, bemkhonza. IBHAYIBHELI ELINGCWELE uyakukhonza egameni likaJehova uNkulunkulu wakhe njengokwenza kwabo bonke abafowabo amaLevi emiyo khona phambi kukaJehova. Contemporary Zulu Bible 2024 Khona-ke kumelwe akhonze egameni likaJehova uNkulunkulu wakhe, njengabo bonke abafowabo, amaLevi, abami lapho phambi kukaJehova. |
Bayakugcina umsebenzi wethende lokuhlangana, nezimfanelo zendawo engcwele, nezimfanelo zabozalo luka-Aroni, abafowabo, ekukhonzeni endlini kaSimakade.
“Uma umLevi eshiya noma yimuphi wemizi yenu yonke yakwa-Israyeli, lapho kade ehlala khona, aye endaweni ayakuyikhetha uSimakade,
Uyodla isabelo esilingana nesabanye, ngisho noma ebethole okuthile ngokuthengisa ngefa likayise.”