Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UDuteronomi 18:5 - IsiZulu 2020

Ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho ukhethe yena kuzo zonke izizwe zakini ukuba ame, akhonze egameni likaSimakade, yena namadodana akhe, kuze kube phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho umkhethile kuzo zonke izizwe zakho ukuba eme, akhonze egameni likaJehova, yena namadodana akhe, kuze kube phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho umkhethile kuzo zonke izizwe zakho ukuba ame akhonze egameni likaJehova, yena namadodana akhe kuze kube phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta



UDuteronomi 18:5
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uyobopha u-Aroni namadodana akhe ngemibhunkulo okhalo lwabo, ubathwese nezigqoko, ubuphristi buyakuba ngobabo ngokwesimiso saphakade. Uyakumbeka kanjalo u-Aroni namadodana akhe.


Wathi kuKhora neviyo lakhe: “Kusasa ekuseni uSimakade uzonazisa ukuthi ngubani ongowakhe, nongcwele, bese emsondeza kuye lowo akhetha ukumsondeza.


Siyakuba ngesakhe nezizukulwane zakhe, kube yisivumelwano sobuphristi obuphakade, ngokuba ube nentshisekelo ngoNkulunkulu wakhe, wenzela abakwa-Israyeli ukubuyisana.’ ”


Uyoqoka u-Aroni namadodana akhe ukuba benze umsebenzi wobuphristi; umfokazi oyosondela kubo, uyakubulawa.”


Ngaleso sikhathi uSimakade wehlukanisa isizwana sakwaLevi ukuba sithwale umphongolo wesivumelwano sikaSimakade, nokuba sime phambi kukaSimakade ukumkhonza nokubusisa egameni lakhe, kuze kube namuhla.


Umuntu oziqhenyayo, ongafuni ukulalela umphristi omiyo okhonza phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, noma umehluleli, lowo muntu umelwe ngukufa; wena ukhiphe ububi kwa-Israyeli.