Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UDuteronomi 18:22 - IsiZulu 2020

“Uma umphrofethi ekhuluma egameni likaSimakade, leyo nto ingenzeki, nezwi alikhulumile lingafezeki, lelo lizwi kalikhulunywanga nguSimakade, kodwa ngumphrofethi ozikhulumele nje lokho, ezigabisa; ungamesabi.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

yazi-ke ukuthi lokhu umprofethi akukhulumayo egameni likaJehova, bese ingenzeki leyo nto, ingaveli iyiyo leyo nto, akusiye uJehova oyikhulumile; umprofethi uyikhulumile ngokuziqhenya; ungamesabi.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Lapho umprofethi ekhuluma egameni likaJehova, le nto ingalandeli futhi ingenzeki, yizwi uJehova angalikhulumanga, kodwa umprofethi walikhuluma ngokugabadela; ungamesabi.

Uka jalj uñjjattʼäta



UDuteronomi 18:22
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayesethi uMikhaya: “Uma uyobuya ngempela uphephile, uyakube engakhulumanga ngami uSimakade.” Wathi futhi: “Yizwani nina bantu bonke.”


Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula; kwakwembulwa kwembeswa. Kwafika kuye u-Izaya, umphrofethi, indodana ka-Amose, wathi kuye: “Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Yaleza endlini yakho, ngokuba awuyukusinda, uyakufa nokufa.’ ”


Njengenyoni ekuhambeni kwayo, nenkonjane ekundizeni kwayo, sinjalo isiqalekiso esingenasizathu.


“Mabasondele, basitshele okuyakwenzeka, ukuthi zaziyini izinto zakuqala na? Mabasitshele zona ukuba sizibeke ezinhliziyweni zethu, sazi umphumela wazo, noma sazi izinto ezizayo.


UJona waqala uhambo losuku lonke, enqamula emzini, eshumayela, ethi: “Sekusele izinsuku ezingama-40 nje ukuthi iNineve libhujiswe!”


Wase ekhuleka kuSimakade, wathi: “Simakade, angikushongo yini lokhu kwasekuqaleni ngesikhathi ngisesezweni lakithi na? Yingakho ngashesha ngabalekela eTharishishi, ngoba ngangazi kahle ukuthi Wena unguNkulunkulu onomusa, owephuza ukuthukuthela, unobubele obukhulu, uyayithambisa inhliziyo yakho ungabe usakwenza okubi obukuhlosile.


Thulani du, bantu nonke phambi kukaSimakade, ngokuba usesukile, waphuma endaweni yakhe engcwele.”


Kepha umphrofethi oyozitshela ukuthi ukhuluma izwi eGameni lami, ngibe ngingamyalanga ukuba akhulume, noma okhuluma egameni labanye onkulunkulu, lowo mphrofethi uyakufa.’


“Ungasho enhliziyweni yakho, uthi: ‘Siyakulazi kanjani izwi uSimakade angalikhulumanga, na?’


USamuweli wakhula, uSimakade wayenaye, wawafeza wonke amazwi kaSamuweli.