Kwathi ngosuku lokuqala lwesinkwa esingenamvubelo okwakuhlatshwa ngalo iPhasika, abafundi bakhe bathi kuye: “Uthanda ukuba siyokulungiselela kuphi ukuba udle iPhasika na?”
UDuteronomi 16:5 - IsiZulu 2020 “Iphasika awuyukulihlabela emizini yakho ewayinikwa nguSimakade uNkulunkulu, IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Awunakuhlaba iphasika phakathi kwamasango akho uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona; Contemporary Zulu Bible 2024 Ungalihlabeli iphasika kuwo wonke amasango akho uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona. |
Kwathi ngosuku lokuqala lwesinkwa esingenamvubelo okwakuhlatshwa ngalo iPhasika, abafundi bakhe bathi kuye: “Uthanda ukuba siyokulungiselela kuphi ukuba udle iPhasika na?”
Uyonikela ngephasika kuSimakade uNkulunkulu wakho ezimvini nasezinkomeni endaweni uSimakade ayoyiqokela ukuba kuhlale kuyo igama lakhe.
Akuyukubonakala mvubelo kuwe endaweni yakho yonke, izinsuku eziyisikhombisa. Akuyukuba bikho nyama yomhlatshelo eyakusala ngosuku lokuqala kusihlwa, kuze kube ngakusasa.
kodwa niyokulihlabela endaweni uSimakade uNkulunkulu wenu ayoyiqokela ukuba igama lakhe lihlale kuyo. Niyolihlabela lapho iphasika ekushoneni kwelanga kusihlwa, ngesikhathi owaphuma ngaso eGibhithe.