Kepha uma isigqila sisho ngokucacile sithi: ‘Ngiyamthanda umnumzane wami, nomkami nabantwana bami, ngakho-ke anginakuhamba njengokhululekileyo,’
UDuteronomi 15:17 - IsiZulu 2020 uyothatha usungulo umbhoboze indlebe esesemnyango; abe yinceku yakho kuze kube phakade. Uyokwenza kanjalo nasencekukazini yakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE uyakuthatha usungulo, ubhobozele indlebe yakhe emnyango, abeseba yinceku yakho kuze kube phakade. Nakuyo incekukazi yakho uyakwenze njalo. Contemporary Zulu Bible 2024 Uthathe usungulo, ulubhoboze endlebeni yakhe ngasemnyango, abe yinceku yakho kuze kube phakade. Wenze njalo nangencekukazi yakho. |
Kepha uma isigqila sisho ngokucacile sithi: ‘Ngiyamthanda umnumzane wami, nomkami nabantwana bami, ngakho-ke anginakuhamba njengokhululekileyo,’
umniniso uyosithatha asilethe kuNkulunkulu, uyosimisa ngasemnyango noma ngasensikeni yomnyango bese umniniso esibhoboza indlebe ngosungulo, sibe yisigqila sakhe impilo yaso yonke.
“Kuyothi uma ethi kuwe: ‘Angizukusuka kuwe,’ ngoba ekuthanda wena nendlu yakho, futhi ehlale kahle nawe,
“Ungakuthathi sengathi kungukucindezelwa nxa usumdedela ukuba ahambe, ngokuba ukukhonze iminyaka eyisithupha, umnika imali yomqashwa. USimakade uNkulunkulu wakho uyokubusisa kukho konke okwenzayo.”
Kodwa uHana akenyukanga, wathi kumyeni wakhe: “Angiyukwenyuka aze alunyulwe umntwana; khona ngizakumyisa ukuba abonakale phambi kukaSimakade, ahlale lapho njalo.”