Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UDuteronomi 15:11 - IsiZulu 2020

Abampofu bayohlala bekhona ezweni; ngakho-ke ngiyaniyala, ngithi: ‘Niyomvulela nokumvulela umfowenu isandla senu ngokuphana, abampofu bakini nabasweleyo bakini ezweni lakini.’

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngokuba ompofu akasoze aphela ezweni; ngakho-ke ngiyakuyala ngithi: ‘Womvulela nokumvulela umfowenu isandla sakho, abaswelayo bakho nabampofu bakho ezweni lakini.’

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngokuba ompofu akasoze aphela ezweni; ngalokho ngiyakuyala, ngithi: Womvulela kakhulu umfowenu isandla sakho, ompofu wakho nompofu wakho ezweni lakini.

Uka jalj uñjjattʼäta



UDuteronomi 15:11
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

kodwa ngonyaka wesikhombisa uyakuyiphumuza, awuyukuyilima; uyakuyiyeka ibe yifusi, ukuze abampofu bakini badle, kuthi lokho abakushiyayo kudliwe yizilwane zasendle. Uyokwenza kanjalo nangesivini sakho nangeminqumo yakho.


Onomusa kompofu wetsheleka uSimakade; uyakuthola umvuzo.


Abacebile nabampofu bayefana; bonke benziwe nguSimakade.


Uyamvulela ohluphekayo isandla sakhe, yebo, uyabapha nabantulayo.


engacindezeli muntu, ebuyisela kotshelekayo isibambiso sakhe, engaphangi nokuphanga, kepha epha abalambileyo isinkwa sakhe, embathisa abanqunu,


Ngokuba abampofu ninabo njalo, kodwa Mina aniyukuhlala ninami njalo.


Muphe ocela utho kuwe, ungamlanduleli ofuna ukutsheleka kuwe.


Abampofu niyohlala ninabo njalo; ningabenzela okuhle noma nini uma nithanda, kodwa Mina aninami njalo.


Thengisani ngeninakho, nabele abampofu, nizenzele izikhwama zemali ezingagugiyo, ingcebo engapheliyo ezulwini; lapho kungasondeli khona sela nanundu, ukuba yone.


Ngokuba abampofu ninabo njalo, kodwa Mina aniyukuba nami njalo.”


Bathengisa ngomhlaba nangempahla, bababela bonke ngangokwezidingo zabo.


“Uma kukhona ompofu phakathi kwenu, engomunye wabafowenu, ehlala komunye wemizi esezweni lakini uSimakade uNkulunkulu wenu aninika lona, aniyukuyenza lukhuni inhliziyo yenu; aniyukumncisha lutho kweninakho umfowenu ontulayo.


Kepha niyomvulela isandla senu, umtsheleke ngokungathi uyamupha okwanele izidingo zakhe nokweswela kwakhe.