kodwa ngonyaka wesikhombisa uyakuyiphumuza, awuyukuyilima; uyakuyiyeka ibe yifusi, ukuze abampofu bakini badle, kuthi lokho abakushiyayo kudliwe yizilwane zasendle. Uyokwenza kanjalo nangesivini sakho nangeminqumo yakho.
UDuteronomi 15:11 - IsiZulu 2020 Abampofu bayohlala bekhona ezweni; ngakho-ke ngiyaniyala, ngithi: ‘Niyomvulela nokumvulela umfowenu isandla senu ngokuphana, abampofu bakini nabasweleyo bakini ezweni lakini.’ IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba ompofu akasoze aphela ezweni; ngakho-ke ngiyakuyala ngithi: ‘Womvulela nokumvulela umfowenu isandla sakho, abaswelayo bakho nabampofu bakho ezweni lakini.’ Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba ompofu akasoze aphela ezweni; ngalokho ngiyakuyala, ngithi: Womvulela kakhulu umfowenu isandla sakho, ompofu wakho nompofu wakho ezweni lakini. |
kodwa ngonyaka wesikhombisa uyakuyiphumuza, awuyukuyilima; uyakuyiyeka ibe yifusi, ukuze abampofu bakini badle, kuthi lokho abakushiyayo kudliwe yizilwane zasendle. Uyokwenza kanjalo nangesivini sakho nangeminqumo yakho.
engacindezeli muntu, ebuyisela kotshelekayo isibambiso sakhe, engaphangi nokuphanga, kepha epha abalambileyo isinkwa sakhe, embathisa abanqunu,
Abampofu niyohlala ninabo njalo; ningabenzela okuhle noma nini uma nithanda, kodwa Mina aninami njalo.
Thengisani ngeninakho, nabele abampofu, nizenzele izikhwama zemali ezingagugiyo, ingcebo engapheliyo ezulwini; lapho kungasondeli khona sela nanundu, ukuba yone.
“Uma kukhona ompofu phakathi kwenu, engomunye wabafowenu, ehlala komunye wemizi esezweni lakini uSimakade uNkulunkulu wenu aninika lona, aniyukuyenza lukhuni inhliziyo yenu; aniyukumncisha lutho kweninakho umfowenu ontulayo.
Kepha niyomvulela isandla senu, umtsheleke ngokungathi uyamupha okwanele izidingo zakhe nokweswela kwakhe.