Bafika eJerusalema. UJesu wangena ethempelini, waqala ukuxosha abathengisayo nabathengayo ethempelini. Wagumbuqela amatafula alabo ababeshintshelana imali, nezihlalo zabathengisa ngamajuba.
UDuteronomi 14:25 - IsiZulu 2020 uyakukwenana ngemali, uyisonge imali esandleni sakho, uye endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayoyikhetha. IBHAYIBHELI ELINGCWELE uyakukwenana ngemali, uyisonge imali esandleni sakho, uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha, Contemporary Zulu Bible 2024 Kumelwe uyishintshe ibe yimali, ubophe imali esandleni sakho, uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayoyikhetha. |
Bafika eJerusalema. UJesu wangena ethempelini, waqala ukuxosha abathengisayo nabathengayo ethempelini. Wagumbuqela amatafula alabo ababeshintshelana imali, nezihlalo zabathengisa ngamajuba.
Uma indlela iyinde kakhulu kuwe ukuba ungakwazi ukukuthwala, nendawo lapho uSimakade uNkulunkulu wakho akhethe ukubeka kuyo igama lakhe ikude kakhulu kuwe, lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ekubusisa,
Uyothenga ngaleyo mali noma yini inhliziyo yakho eyithandayo: izinkabi, izimvu, iwayini, uphuzo olunamandla, noma yini efunwa yinhliziyo yakho, uyodla lapho phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, uthokoze, wena nabendlu yakho;