Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UDuteronomi 14:22 - IsiZulu 2020

“Uyonikela okweshumi kwezithelo zonke zembewu yakho, ezivela ensimini unyaka nonyaka.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

“Uyakunikela ngokweshumi kwazo zonke izithelo zembewu yakho, lokho okuvela ensimini iminyaka ngeminyaka,

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Kumelwe ukhiphe okweshumi kuyo yonke imbewu yakho ekhiqizwa izwe unyaka nonyaka.

Uka jalj uñjjattʼäta



UDuteronomi 14:22
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

naleli litshe engilimisileyo laba yinsika liyakuba yindlu kaNkulunkulu, bese kuthi konke ozongipha khona ngikunikele kuwe, kube ngokweshumi.”


Kuyakuthi lapho senivunile, uFaro nimnike ingxenye yesihlanu, izingxenye ezine zibe yimbewu yamasimu enu, nokudla kwenu, nokwabendlu yenu, nabantwana benu.”


UJosefa wakumisa lokhu kwaba wumthetho mayelana nomhlaba eGibhithe; kusengumthetho osebenzayo nanamuhla, ukuthi ingxenye yesihlanu yezitshalo ingekaFaro. Ngumhlabathi wabaphristi kuphela ongazange ube ngokaFaro.


Siyoletha futhi kumphristi emagunjini endlu kaNkulunkulu wethu, inhlama eyenziwe ngokusanhlamvu kwesivuno sokuqala, nezithelo zayo yonke imithi, iwayini elisha namafutha amasha. Siyoletha futhi kubaLevi okweshumi komhlabathi wethu, ngokuba ngabaLevi abaqoqa okweshumi emizini yonke.


Abaphristi bozalo luka-Aroni kumele bahambe nabaLevi ngesikhathi beqoqa okweshumi, abaLevi bathathe okweshumi kulokho okweshumi okulethiwe, bakuyise endlini kaNkulunkulu, emagunjini endlu yengcebo.


Lethani konke okweshumi endlini yengcebo, ukuze kube nokudla endlini yami, ake ningivivinye ngalokhu, ukuthi ngeke yini nginivulele amafasitela asezulwini, nginithululele isibusiso kuze kungabi bikho ndawo eyanele,” kusho uSimakade Wamabandla.


Niyonikela ngeqebelengwane lenhlama yenu yokuqala libe ngumnikelo wokuphakanyiswa; njengalokhu nenza umnikelo wokuphakanyiswa wesibuya, niyowenza kanjalo.


“Abozalo lukaLevi ngibanike okweshumi kwa-Israyeli ukuba kube yifa labo; ngomsebenzi abawenzayo ethendeni lokuhlangana.


Niyakukudlela noma kuyiphi indawo, nina nabezindlu zenu, ngokuba kungumvuzo wenu ngomsebenzi wenu ethendeni lokuhlangana.


Okweshumi kokusanhlamvu kwakho, okwewayini lakho, okwamafutha akho, okwamazibulo ezinkomo zakho, okwezimvu zakho, izithembiso ozenzile, iminikelo yakho yesihle, umnikelo wokuphakanyiswa wesandla sakho, aniyukukudla ngaphakathi kwamasango enu.


niyiyise lapho iminikelo yenu yokushiswa, imihlatshelo yenu, okweshumi kwenu, umnikelo wenu wokuphakanyiswa wesandla senu, izithembiso zenu, iminikelo yenu yesihle, neyamazibulo ezinkomo nezimvu zenu.