“ ‘Noma ngubani obulala umuntu, uyobulawa ngenxa yobufakazi obethulwe ngaye. Kepha akekho oyobulawa ngenxa yobufakazi bomuntu oyedwa.
UDuteronomi 13:14 - IsiZulu 2020 uyohlola, uphenyisise, ubuzisise. Bheka, uma kuyiqiniso ukuthi leso sinengiso senziwe phakathi kwenu, IBHAYIBHELI ELINGCWELE wobuza, uphenye, ubuzisise; bheka, uma kuyiqiniso, leyo nto iqinisekile ukuthi isinengiso esinjalo senziwe phakathi kwakho, Contemporary Zulu Bible 2024 Khona-ke kumelwe ubuze futhi uphenye futhi ubuze ngokukhuthala; futhi bheka, uma kuyiqiniso futhi indaba iqinisekile, isinengiso esinjalo senziwe phakathi kwenu; |
“ ‘Noma ngubani obulala umuntu, uyobulawa ngenxa yobufakazi obethulwe ngaye. Kepha akekho oyobulawa ngenxa yobufakazi bomuntu oyedwa.
Ningehluleli ngokubuka ngamehlo, kodwa yehlulelani ngokwehlulela okulungileyo.”
Izintandane nomfelokazi ubenzela ubulungiswa. Uyathanda umfokazi, umnika ukudla nezingubo.
abantu abathile abonakeleyo baphumile phakathi kwenu, bahlubukisa izakhamuzi zomuzi wakubo, bathi: ‘Masihambe siyokhonza abanye onkulunkulu eningabaziyo,’
uyozibulala ngenkemba izakhamuzi zalowo muzi, uwuchithe impela, nakho konke okuphakathi kwawo, nemfuyo yawo, ukubhubhise ngenkemba.
bese ubikelwa ngakho, uzwe, ubuzisise ngakho, uthole ukuthi kuyiqiniso, leyo nto enjalo eyisinengiso yenziwe kwa-Israyeli,
Ungasho ukuthi incekukazi yakho ingowesifazane okhohlakele, ngokuba kungenxa yobuningi bosizi lwami nangokuchukuluzwa kwami, yingakho ngikhuluma kuze kube manje.”