“ ‘Ngiyakukuqeda nya ukukhanuka ezweni, ukuze baxwayiswe bonke abesifazane ukuba bangakhanuki njengoba bekwenza nina.
UDuteronomi 13:12 - IsiZulu 2020 “Uma uzwa kukhulunywa ngomunye wemizi yenu uSimakade uNkulunkulu wenu anipha wona ukuba nakhe kuwo, kuthiwa, IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Uma uyakuzwa ngomunye wemizi yakho uJehova uNkulunkulu wakho akupha wona ukuba wakhe kuwo, kuthiwa: Contemporary Zulu Bible 2024 Uma uzwa komunye wemizi yakini esho lokho uJehova uNkulunkulu wakho akunike khona ukuba uhlale khona, ngokuthi: |
“ ‘Ngiyakukuqeda nya ukukhanuka ezweni, ukuze baxwayiswe bonke abesifazane ukuba bangakhanuki njengoba bekwenza nina.
Wonke u-Israyeli uyakuzwa, esabe, angaphinde enze ububi obunjengalobo obuphakathi kwenu.
abantu abathile abonakeleyo baphumile phakathi kwenu, bahlubukisa izakhamuzi zomuzi wakubo, bathi: ‘Masihambe siyokhonza abanye onkulunkulu eningabaziyo,’
Onke amadoda omuzi wakubo ayoyikhanda ngamatshe ize ife, uyobususa kanjalo-ke ububi phakathi kwakho, wonke u-Israyeli uyozwa, esabe.”