Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UDuteronomi 12:32 - IsiZulu 2020

“Konke enginiyala ngakho, qaphelani ukuba nikwenze; aniyukuthasisela kukho, futhi aniyukunciphisa lutho kukho.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

“Konke enginiyala ngakho, anoqaphela ukuba nikwenze; awuyikuthasisela kukho, futhi ungakunciphisi.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Konke engikuyala ngakho, nikwenze ngokucophelela;

Uka jalj uñjjattʼäta



UDuteronomi 12:32
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Niyogcina zonke izimiso, izehlulelo, umthetho, nemiyalo anilobela khona, futhi niyoqikelela ukuba nikwenze. Ningabesabi abanye onkulunkulu.


Ungenezeli emazwini akhe, funa akusole, ufunyanwe ungumqambimanga.


USimakade wathi kimi: “Ndodana yomuntu, qaphelisisa, uzibonele ngawakho amehlo, uzizwele ngezakho izindlebe konke engikukhuluma kuwe maqondana nazo zonke izimiso zendlu kaSimakade, nangayo yonke imithetho yayo; uyiqaphelisise indawo yokungena yendlu, nazo zonke izindawo zokuphuma zendlu engcwele.


Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”


uma nililalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu ukuba nigcine yonke imiyalo yakhe enginiyala ngayo namuhla, nenze okulungile emehlweni kaSimakade uNkulunkulu wenu.”


uyoyigcina yonke le miyalo engikuyala ngayo namuhla ukuba uyenze, ukumthanda uSimakade uNkulunkulu wakho, ukuhamba nsuku zonke ngezindlela zakhe, uyozithasiselela futhi ngeminye imizi emithathu ngaphezu kwalena emithathu ekhona,


Aniyukuthasisela ezwini enginiyala ngalo, futhi aniyukunciphisa lutho kulo, kodwa gcinani imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo.


Qina kuphela, ube nesibindi kakhulu, uqaphele ukwenza njengokomthetho wonke inceku yami uMose akuyala ngawo. Ungachezuki nakancane kuwo, uye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze ube nempumelelo noma kuphi lapho uya khona.