UDuteronomi 11:4 - IsiZulu 2020 nalokho akwenza empini yaseGibhithe, emahhashini abo, nasezinqoleni zabo zempi, lapho enza amanzi oLwandle Lomhlanga ukuba abaminzise ngesikhathi benixosha. USimakade wababhubhisa kuze kube namuhla. IBHAYIBHELI ELINGCWELE nowakwenzayo kuyo impi yaseGibithe, nakuwo amahhashi abo, nakuzo izinqola zabo, nokwenza kwakhe ukuba amanzi oLwandle Olubomvu abaminzise ekunixosheni kwabo, nokubabhubhisa kukaJehova kuze kube namuhla, Contemporary Zulu Bible 2024 Nalokho akwenza empini yaseGibithe, nakumahhashi abo, nasezinqoleni zabo; ukuthi wabakhukhula kanjani amanzi aseShelfsee, benixosha, nokuthi uJehova wababhubhisa kanjani kuze kube namuhla; |
Kwathi ukuba amahhashi kaFaro, nezinqola zempi yakhe, nabagibele amahhashi bangene olwandle, uSimakade wawabuyisela phezu kwabo amanzi olwandle, kodwa abantu bakwa-Israyeli badabula behamba emhlabathini owomileyo.
Izinqola zikaFaro nempi yakhe ukuphonse olwandle; izikhulu zakhe ezikhethekileyo uziminzise oLwandle Lomhlanga.
“Sabe sesiphenduka, sahamba, salibhekisa ehlane ngendlela eya oLwandle Lomhlanga, njengalokhu ayeshilo kimi uSimakade. Intaba iSeyiri sayizungeza izinsuku eziningi.
Ngokukholwa, badabula uLwandle Olubomvu kungathi bahamba emhlabathini owomileyo, okwathi lapho abaseGibhithe bezama ukuwela, baminza.