UDuteronomi 11:10 - IsiZulu 2020 Izwe enizongena kulo ukuba nilidle alifani neGibhithe enaphuma kulo, lapho wawuvame ukuhlwanyela khona imbewu yakho, uyinisele njengesivande semifino, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba izwe ongena kulo ukulidla alinjengezwe laseGibithe enaphuma kulo, lapho wahlwanyela khona imbewu yakho, wayinisela ngonyawo lwakho njengesivande semifino, Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba izwe eningena kulo ukulidla alinjengezwe laseGibithe enaphuma kulo, lapho wahlwanyela khona imbewu yakho, wayinisela ngonyawo lwakho njengensimu yemifino. |
Ngamba, ngaphuza amanzi; ngiyonyathela ngonyawo lwami, kome yonke imifula eGibhithe.’ ”
Nganingenisa ezweni elivundileyo ukuba nidle izithelo zalo nokuhle kwalo; kepha lapho seningenile, nalingcolisa izwe lami, nenza ifa lami laba yisinengiso.
Uma umndeni waseGibhithe ungayukukhuphuka kulokho kukhuphuka, ubhubhane luyakwehlela kuwo, lolo uSimakade ashaya ngalo izizwe ezingakhuphukanga ukuyogubha uMkhosi Wamadokodo.
kodwa izwe eniya kulo ukuba nilidle liyizwe lezintaba nezigodi, liphuza amanzi emvula yezulu.
nokuba nandise izinsuku zenu ezweni uSimakade afunga ngalo kokhokho benu ukubanika lona nezizukulwane zabo, izwe elichichima ubisi noju.
Ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho uzakukungenisa ezweni elihle, izwe elinemifudlana enamanzi, imithombo, namanzi aphuphuma ezinzulwini, ageleze ezigodini nasezintabeni,