Lokhu kwenzeka emveni kokuba enqobe uSihoni, inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshibhoni, no-Ogi, inkosi yaseBhashani, owayehlala e-Ashitharothi ngase-Edireyi.
UDuteronomi 1:5 - IsiZulu 2020 Ngaphesheya kweJordani, kwaMowabi, uMose waqala ukuwuchaza lo mthetho, wathi: IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngaphesheya kweJordani ezweni lakwaMowabi uMose waqala ukuchasisela lo mthetho ngokuthi: Contemporary Zulu Bible 2024 Ngaphesheya kweJordani, ezweni lakwaMowabi, uMose waqala ukumemezela lo mthetho, wathi: |
Lokhu kwenzeka emveni kokuba enqobe uSihoni, inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshibhoni, no-Ogi, inkosi yaseBhashani, owayehlala e-Ashitharothi ngase-Edireyi.
“USimakade uNkulunkulu wethu wakhuluma kithi eHorebhe, wathi: ‘Senihlale isikhathi eside kule ntaba;
UMose waloba lo mthetho, wawunika abaphristi, amadodana kaLevi ayethwala umphongolo wesivumelwano sikaSimakade, nawo wonke amalunga akwa-Israyeli.
wathi kubo: “Agcineni enhliziyweni yenu wonke lawa mazwi enginixwayisa ngawo namuhla, niyale ngawo abantwana benu, ukuze baqikelele ukuwenza wonke amazwi alo mthetho.
phesheya kweJordani esigodini maqondana neBhethi Pheyori ezweni likaSihoni inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshibhoni, owanqotshwa nguMose nabantu bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibhithe.
Yisiphi isizwe esikhulu esinezimiso nezehlulelo ezilungile njengawo wonke lo mthetho engiwubeka phambi kwenu namuhla na?