Zingibunganyele njengezinyosi, zizocinywa njengomlilo wameva; egameni likaSimakade ngizozibhubhisa.
UDuteronomi 1:44 - IsiZulu 2020 Abakwa-Amori ababehlala kwelezintaba baphuma banihlasela, banixosha kuhle kwezinyosi, baninqoba eSeyiri, kwaze kwaba seHorma. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ama-Amori ayehlala kuleyo ntaba aphuma anihlasela, anixosha njengokwenza kwezinyosi, aninqoba eSeyiri, kwaze kwaba seHorma. Contemporary Zulu Bible 2024 Ama-Amori ahlala kuleyo ntaba aphuma anihlangabeza, anixosha, njengokwenza kwezinyosi, anichitha eSeyiri kwaze kwaba seHorma. |
Zingibunganyele njengezinyosi, zizocinywa njengomlilo wameva; egameni likaSimakade ngizozibhubhisa.
Ngalolo lusuku uSimakade uyohlaba umkhosi ngekhwela kusabele izimpukane ezingasekugcineni kwemifudlana eGibhithe, nezinyosi e-Asiriya.
Ama-Amaleki namaKhanani ayehlala kulelo lezintaba ehla abashaya, abaqothula, abahlakaza bagcwala izinkalo kwaze kwaba seHorma.
USimakade walilalela izwi lika-Israyeli, wanikela kuye amaKhanani, bawaqothula nemizi yawo; igama laleyo ndawo kwathiwa yiHorma.
“USimakade uyokwenza izitha zakho zikunqobe, uyakuzihlasela ngandlelanye; ubaleke ngezindlela eziyisikhombisa. Uyoba yinto eyesabisayo, kuyo yonke imibuso yomhlaba.
Oyedwa angayixosha kanjani inkulungwane, ababili bahubhe izinkulungwane ezilishumi, uma idwala labo belingathengisanga ngabo, uSimakade ebengabanikelanga, na?
Amadoda ase-Ayi abulala amabutho angama-36 empi yakwa-Israyeli, ayixosha eyisusa ngasesangweni yaze yayofika eShebharimi, ababulala emthambekeni. Izinhliziyo zabantu zadikibala, zaphelelwa ngamandla.