Nokho bahlubuka, bawudabukisa uMoya wakhe oNgcwele, waphenduka isitha sabo, walwa nabo.
UDuteronomi 1:43 - IsiZulu 2020 “Ngakhuluma kanjalo-ke kini, kodwa anilalelanga, kunalokho nalihlubuka izwi likaSimakade, naba nenkani, nakhuphukela kwelezintaba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ngakhuluma-ke kanjalo kini, analalela, kepha nahlubuka ezwini likaJehova, naziqhenya, nakhuphukela entabeni. Contemporary Zulu Bible 2024 Kungakho ngikhulume kini; anilalelanga, kepha nahlubuka ezwini likaJehova, nakhuphuka intaba ngokugabadela. |
Nokho bahlubuka, bawudabukisa uMoya wakhe oNgcwele, waphenduka isitha sabo, walwa nabo.
Bavuka ekuseni ngovivi, benyukela esiqongweni sentaba, bathi: “Bhekani, sesilapha, siyakuya endaweni ayithembisile uSimakade, nakuba sonile.”
Bakhuphukela esiqongweni sezwe lezintaba ngokuziqhayisa nakuba umphongolo wesivumelwano sikaSimakade noMose ungaphumanga enkanjini.
“ ‘Kodwa noma ngubani owona ngehloso noma ngabe ungowengabadi noma ngumfokazi, ahlambalaze uSimakade, uyonqunywa kubantu bakubo,
“Nina bontamolukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele, nani nifuze okhokho benu.
“Nokho anithandanga ukukhuphuka, kodwa nahlubuka esiyalezweni sikaSimakade uNkulunkulu wenu;
Umuntu oziqhenyayo, ongafuni ukulalela umphristi omiyo okhonza phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, noma umehluleli, lowo muntu umelwe ngukufa; wena ukhiphe ububi kwa-Israyeli.