Manje, ngenxa yokuba ama-Amaleki namaKhanani akhile esigodini, jikani kusasa, nilibangise ehlane ngendlela eya oLwandle Lomhlanga.”
UDuteronomi 1:40 - IsiZulu 2020 Nina-ke jikani, niye ehlane ngendlela eya oLwandle Lomhlanga.’ IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha nina anophenduka, nihambe, niye ehlane ngendlela eya eLwandle Olubomvu.’ Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha nina phendukani, ningene ehlane ngendlela yoLwandle Olubomvu. |
Manje, ngenxa yokuba ama-Amaleki namaKhanani akhile esigodini, jikani kusasa, nilibangise ehlane ngendlela eya oLwandle Lomhlanga.”
nalokho akwenza empini yaseGibhithe, emahhashini abo, nasezinqoleni zabo zempi, lapho enza amanzi oLwandle Lomhlanga ukuba abaminzise ngesikhathi benixosha. USimakade wababhubhisa kuze kube namuhla.
“Sabe sesiphenduka, sahamba, salibhekisa ehlane ngendlela eya oLwandle Lomhlanga, njengalokhu ayeshilo kimi uSimakade. Intaba iSeyiri sayizungeza izinsuku eziningi.
kodwa lapho benyuka bevela eGibhithe, abakwa-Israyeli badabula ihlane baya oLwandle Lomhlanga, baze bafika eKadeshi.