Le yimiyalo uSimakade ayala ngayo uMose ngabantu bakwa-Israyeli entabeni iSinayi.
UDuteronomi 1:3 - IsiZulu 2020 Kwathi ngonyaka wama-40, ngenyanga ye-11, ngosuku lokuqala lwayo, uMose watshela abakwa-Israyeli konke lokho uSimakade ayemyale ngakho ukuba akukhulume kubo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi ngomnyaka wamashumi amane ngenyanga yeshumi nanye ngolokuqala lwenyanga uMose wakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli njengakho konke uJehova amyale ngakho ukuba akukhulume kubo, Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi ngomnyaka wamashumi amane, ngenyanga yeshumi nanye, ngolokuqala lwenyanga, uMose wakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli njengakho konke uJehova ayebayale ngakho; |
Le yimiyalo uSimakade ayala ngayo uMose ngabantu bakwa-Israyeli entabeni iSinayi.
Ngosuku lokuqala lwenyanga yesibili ngonyaka, wesibili abakwa-Israyeli bephumile eGibhithe, uSimakade wakhuluma kuMose ehlane iSinayi ethendeni lokuhlangana, wathi:
Ngenyanga yokuqala, yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli yafika ehlane iSini. Abantu bahlala eKadeshi, uMiriyamu wafela khona, wangcwatshwa khona futhi.
U-Aroni, umphristi, wakhuphukela entabeni iHori ngokwesiyalezo sikaSimakade. Wafike wafela khona ngonyaka wama-40, emveni kokuphuma kwabakwa-Israyeli eGibhithe, ngenyanga yesihlanu ngosuku lokuqala lwayo.
Abantu baliwela iJordani ngolweshumi enyangeni yokuqala, base bekanisa eGiligali empumalanga yomngcele eJerikho.