“Kepha bona nokhokho bethu benza ububi, baziphakamisa, baba nenkani, bayephula imiyalelo yakho.
UDuteronomi 1:26 - IsiZulu 2020 “Nokho anithandanga ukukhuphuka, kodwa nahlubuka esiyalezweni sikaSimakade uNkulunkulu wenu; IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Nokho anithandanga ukukhuphuka, kepha nahlubuka esiyalezweni sikaJehova uNkulunkulu wenu; Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa anithandanga ukukhuphuka, kepha nahlubuka emyalezweni kaJehova uNkulunkulu wenu. |
“Kepha bona nokhokho bethu benza ububi, baziphakamisa, baba nenkani, bayephula imiyalelo yakho.
Nokho bahlubuka, bawudabukisa uMoya wakhe oNgcwele, waphenduka isitha sabo, walwa nabo.
Kodwa ningamhlubuki uSimakade, ningabesabi abantu bakulelo lizwe. Bayofana nesinkwa nje kithi; umthunzi wabo usukile phezu kwabo, kodwa uSimakade unathi. Ningabesabi.”
“Nina bontamolukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele, nani nifuze okhokho benu.
Akha izithelo zalelo lizwe, asiphathela zona, nezwi elithi: ‘Yizwe elihle uSimakade uNkulunkulu wethu asinika lona.’
“Ngakhuluma kanjalo-ke kini, kodwa anilalelanga, kunalokho nalihlubuka izwi likaSimakade, naba nenkani, nakhuphukela kwelezintaba.
“Nalapho uSimakade enithuma, nisuka eKadeshi Bharineya, ethi: ‘Khuphukani, nilidle izwe engininike lona,’ nahlubuka ezwini likaSimakade uNkulunkulu wenu, anaze nakholwa nguye, analilalela izwi lakhe.