Lapho belambile, wabanika isinkwa esivela ezulwini, waqhumisa isiphethu edwaleni, ukuze baqede ukoma. Wabatshela ukuba bangene ezweni owawubethembise lona ngesifungo, ukuthi uyobanika lona.”
UDuteronomi 1:21 - IsiZulu 2020 Niyabona-ke, uSimakade uNkulunkulu wenu uninikile izwe eliphambi kwenu: khuphukani nilidle, njengalokhu uSimakade, uNkulunkulu wokhokho benu ayenitshelile. Ningesabi, ningapheli amandla.’ IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bhekani, uJehova uNkulunkulu wenu ulibekile izwe phambi kwenu: khuphukani nilidle, njengalokho uJehova uNkulunkulu wawoyihlo akhuluma kini; ningesabi, ningapheli amandla.’ Contemporary Zulu Bible 2024 Bhekani, uJehova uNkulunkulu wenu ulibekile izwe phambi kwenu; khuphukani nilidle, njengalokho uJehova uNkulunkulu wawoyihlo eshilo kini; ningesabi, ningapheli amandla. |
Lapho belambile, wabanika isinkwa esivela ezulwini, waqhumisa isiphethu edwaleni, ukuze baqede ukoma. Wabatshela ukuba bangene ezweni owawubethembise lona ngesifungo, ukuthi uyobanika lona.”
UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu, ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.
Ungesabi, ngokuba Mina nginawe; ungabi naluvalo, ngokuba Mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.
UKhalebhu wabathulisa abantu, wathi kuMose: “Siyakwenyuka impela, silidle; akungabazeki ukuthi sizakulinqoba.”
Ngase ngithi kini: ‘Senifikile kwelezintaba lakwa-Amori uSimakade uNkulunkulu wethu asinika lona.
“Nxa uphuma uyokulwa nezitha zakho, bese ubona amahhashi, izinqola, nabantu abaningi kunawe, ungabesabi, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho unawe, Yena owakukhuphula eGibhithe.
athi kubo: ‘Yizwa, Israyeli! Namuhla nisondela empini ukuhlasela izitha zenu; inhliziyo yenu mayingadangali, ningesabi, ningaqhaqhazeli, ningabi natwetwe phambi kwazo.
Qinani, nime isibindi, ningesabi, ningashaywa luvalo ngabo, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho nguyena ohamba nawe; akayukukulahla, akayukukushiya.”
ungazesabi, kodwa khumbula lokho uSimakade uNkulunkulu wakho akwenza kuFaro nakulo lonke iGibhithe:
Ngalokho-ke ungazesabi, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho, uNkulunkulu omkhulu nowesabekayo, uphakathi kwakho.
“Nalapho uSimakade enithuma, nisuka eKadeshi Bharineya, ethi: ‘Khuphukani, nilidle izwe engininike lona,’ nahlubuka ezwini likaSimakade uNkulunkulu wenu, anaze nakholwa nguye, analilalela izwi lakhe.
ukuze sisho ngesibindi, sithi: “INkosi ingumsizi wami, angiyukwesaba; umuntu angangenzani na?”
Qina, ume isibindi, ngokuba nguwena oyokwenza laba bantu badle izwe engafunga koyisemkhulu ukubanika lona.
Ngiyakuyala manje: qina, ume isibindi; ungesabi, ungadikibali, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho unawe noma kuphi lapho uya khona.”