Wayesemkhiphela phandle wathi: “Bheka esibhakabhakeni ubale izinkanyezi, uma ungazibala.” Wayesethi kuye: “Iyakuba ngako inzalo yakho.”
UDuteronomi 1:10 - IsiZulu 2020 USimakade uNkulunkulu wenu usenandisile, kangangokuthi namuhla senilukhumbintethe, ningangezinkanyezi emkhathini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE uJehova uNkulunkulu wenu unandisile; bhekani, namuhla ningangezinkanyezi zezulu ngobuningi. Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova uNkulunkulu wenu unandisile; bhekani, namuhla ningangezinkanyezi zezulu ngobuningi. |
Wayesemkhiphela phandle wathi: “Bheka esibhakabhakeni ubale izinkanyezi, uma ungazibala.” Wayesethi kuye: “Iyakuba ngako inzalo yakho.”
ngizokubusisa impela, ngiyokwenza izizukulwane zakho zibe ziningi njengezinkanyezi esibhakabhakeni, nanjengesihlabathi ogwini lolwandle. Izizukulwane zakho ziyakunqoba izitha zazo, zidle nemizi yazo,
Izizukulwane zakho ziyoba ngangothuli lomhlaba, uyosabalalela entshonalanga nasempumalanga, enyakatho naseningizimu; izizwe zonke zomhlaba ziyobusiswa ngawe nangezizukulwane zakho.
UDavide akazange alibale inani lalabo ababeneminyaka engama-20 nabancane kunalokho, ngokuba uSimakade wayeshilo ukuthi uyomandisa u-Israyeli abe ngangezinkanyezi zezulu.
Izizukulwane zabo wazandisa njengezinkanyezi esibhakabhakeni, waziletha ezweni owawulethembise okhokho bazo ukuthi ziyongena kulo, zilidle.
Abantu bakwa-Israyeli basuka eRamesesi baya eSukhothi. Kwakungamadoda abalelwa ezi-600 000 ayehamba ngezinyawo, ngaphandle kwezingane.
Khumbula u-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe, izinceku zakho owazifunga Wena kuzo, wathi: ‘Ngiyokwandisa izizukulwane zenu zibe ngangezinkanyezi zezulu, ngizinike lonke leli lizwe enganethembisa lona, libe yifa lazo kuze kube phakade.’ ”
Bhekani ku-Abhrahama, ukhokho wenu, nakuSara owanizalayo, ngokuba ngambiza eyedwa vo, kodwa ngambusisa, ngamandisa.
Wande njengehlumela lasendle. Ngakwenza wakhula, waba muhle kakhulu; wahlosa amabele, wamila izinwele, kodwa wawunqunu, uhamba ze.
Ekumeni kwawo wathi: “Buyela, Simakade emashumini ezinkulungwane zemindeni yakwa-Israyeli.”
USimakade uNkulunkulu wokhokho benu makanithasisele kayinkulungwane, anibusise njengalokhu angitshela.
Okhokho bakho babengama-70 ngesikhathi behlela eGibhithe; manje uSimakade uNkulunkulu wakho ukwenzile waba lukhumbintethe ngangezinkanyezi zezulu.”
Wena uyophendula phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, uthi: ‘Ukhokho wami wayengumAramu owayezulazula, wehlela eGibhithe, wagogobala khona nabantu abayingcosana; waba yisizwe esikhulu khona, esinamandla nesiningi.
Noma nanibaningi ngangezinkanyezi zezulu, niyakushiywa niyingcosana, ngokuba awulalelanga izwi likaSimakade uNkulunkulu wakho.
“USimakade akanithandanga nje kuphela, akanikhethanga kunezinye izizwe ngoba nibaningi; naniyingcosana kunezizwe zonke.