U-Izaya, indodana ka-Amose, wathumela kuHezekiya, wathi: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Lokho obukukhulekela kimi ngoSaneheribhi, inkosi yase-Asiriya, ngikuzwile.’
UDaniyeli 9:23 - IsiZulu 2020 Ekuqaleni kokunxusa kwakho izwi lavela; sengifikile ukukutshela, ngokuba uthandekile; ngalokho qonda leli lizwi, uqonde nombono. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ekuqaleni kokunxusa kwakho izwi lavela; sengifikile ukukutshela, ngokuba uthandekile; ngalokho qonda leli zwi, uqonde nombono. Contemporary Zulu Bible 2024 Ekuqaleni kokunxusa kwakho kwaphuma umyalo, futhi ngiza ukukubonisa; ngoba uthandwa kakhulu; bese uqonda udaba futhi uqaphele ubuso. |
U-Izaya, indodana ka-Amose, wathumela kuHezekiya, wathi: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Lokho obukukhulekela kimi ngoSaneheribhi, inkosi yase-Asiriya, ngikuzwile.’
Umhlatshelo wezikhohlakali uyisinengiso kuSimakade, kodwa umkhuleko wabaqotho uyintokozo kuye.
Noma ngabe bekukhona kulo lawa madoda amathathu: uNowa, uDaniyeli noJobe, bona bebeyakuyisindisa impilo yabo ngenxa yokulunga kwabo, kusho iNkosi uSimakade.
“Ndodana yomuntu, ngiyakususa kuwe okunxanelekayo emehlweni akho ngokuphazima kweso, kepha ungakhali, ungakhihli sililo, futhi kungaphumi zinyembezi kuwe.
Bayakuwuphanga umcebo wakho, bayithathe njengempango impahla yakho ohweba ngayo. Bayakuzibhidliza izingange zakho, badilize izindlu zakho ezinhle, balahle amatshe akho, imithi yakho, nemfucuza yakho emanzini.
Ngonyaka wesithathu kaKhoresi, inkosi yasePheresiya, uDaniyeli ogama lakhe labizwa ngokuthi uBhelitheshazari wambulelwa izwi; izwi laliqinisile, lalingukulwa okukhulu; waliqonda izwi, waqonda nombono.
Wathi: “Ungesabi, muntu othandekayo; ukuthula makube kuwe; qina, yebo, mawuqine.” Lapho ekhuluma kimi, ngaqiniswa, ngathi: “Mayikhulume inkosi yami, ngokuba ungiqinisile.”
UDaniyeli wabadlula omengameli nezikhulu, ngokuba wayenekhono eledlulele; inkosi yayicabanga ukumbeka ukuba engamele umbuso wonke.
“Ngakho-ke uma nibona amanyala anyantisayo, akhuluma ngawo uDaniyeli umphrofethi emi endaweni engcwele – ofundayo makaqaphele ukuthi kusho ukuthini.
Seyifikile, yasondela ingelosi lapho ayekhona, yathi kuye: “E! Wena ophiwe umusa! INkosi inawe; ubusisiwe esifazaneni.”