Bayohlanganiswa ndawonye, njengeziboshwa ziqoqelwa emgodini, bayovalelwa ejele, kuthi emva kwezinsuku eziningi, bajeziswe.
UDaniyeli 8:26 - IsiZulu 2020 “Imibono yakusihlwa neyasekuseni esilandiwe iqinisile, kepha gcina wena umbono, ngokuba ungowezinsuku eziningi.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Imibono yakusihlwa neyasekuseni esilandiwe iqinisile, kepha gcina wena umbono, ngokuba ungowezinsuku eziningi.” Contemporary Zulu Bible 2024 Umbono wokuhlwa nokusa okukhulunyiweyo uqinisile; ngoba kuzakuba yinsuku ezinengi. |
Bayohlanganiswa ndawonye, njengeziboshwa ziqoqelwa emgodini, bayovalelwa ejele, kuthi emva kwezinsuku eziningi, bajeziswe.
“Ndodana yomuntu; indlu ka-Israyeli, ithi: ‘Umbono awubonayo ungowezinsuku eziningi ezizayo, uphrofetha ngezikhathi ezisekude.’
Ngonyaka wesithathu kaKhoresi, inkosi yasePheresiya, uDaniyeli ogama lakhe labizwa ngokuthi uBhelitheshazari wambulelwa izwi; izwi laliqinisile, lalingukulwa okukhulu; waliqonda izwi, waqonda nombono.
Sengifikile ukuba ngikuqondise okuyakwehlela abantu bakho ngezinsuku ezizayo, ngokuba umbono usenezinsuku.”
“Manje ngikutshela iqiniso. Bheka, kusezakuvela amakhosi amathathu ePheresiya; eyesine iyakunotha kunawo wonke; isiqinile ngengcebo yayo iyakuvusa konke ukulwa nombuso waseJavani.
Kepha wena Daniyeli, gcina amazwi, unamathelise umqulu kuze kube sesikhathini sokugcina; abaningi bayakwehla benyuka, ukwazi kuyokuba kuningi.”
Wathi: “Hamba, Daniyeli, ngokuba amazwi avalelwe, anamathelisiwe kuze kube sesikhathini sokugcina.
Seyikhulumile imidumo eyisikhombisa, ngase ngizobhala, kodwa ngezwa izwi livela ezulwini, lithi: “Sicilela ngophawu olukhulunywe yimidumo eyisikhombisa, kodwa ungakubhali.”
Yathi kimi: “Amazwi esiphrofetho sale ncwadi ungawavali ngophawu, ngokuba isikhathi siseduze.