Uzovuka, uhawukele iZiyoni, ngokuba sekuyisikhathi somusa wakho kulo, isikhathi esinqunyiweyo sesifikile.
UDaniyeli 8:19 - IsiZulu 2020 Wathi: “Bheka, ngiyakukwazisa okuyakwenzeka ngasekupheleni kwentukuthelo, ngokuba kungokwesikhathi sokuphela. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wathi: “Bheka, ngiyakukwazisa okuyakwenzeka ngasekupheleni kwentukuthelo, ngokuba kungokwesikhathi sokuphela. Contemporary Zulu Bible 2024 Wathi: “Bheka, ngiyakunazisa okuyakuba khona ekupheleni kolaka, ngokuba ukuphela kuyakuba ngesikhathi esimisiweyo.” |
Uzovuka, uhawukele iZiyoni, ngokuba sekuyisikhathi somusa wakho kulo, isikhathi esinqunyiweyo sesifikile.
Amakhosi-ke omabili, izinhliziyo zawo ziyakuba ngezokwenza okubi; ayakukhuluma amanga esetafuleni linye, kepha akuyukuphumelela, ngokuba ukuphela kusazokuba sesikhathini esimisiweyo.
Kepha wena Daniyeli, gcina amazwi, unamathelise umqulu kuze kube sesikhathini sokugcina; abaningi bayakwehla benyuka, ukwazi kuyokuba kuningi.”
“Ekugcineni kokubusa kwayo, lapho izihlubuki seziphelele, inkosi elukhuni ngobuso, eqonda izimfumbe, iyakuvela.
Ngokuba umbono usalokhu ungowesikhathi esinqunyiweyo, uyakushesha ufike esiphethweni, awuyukukhohlisa; nakuba uyakubambezeleka, ulinde, ngokuba impela uyakufika, awuyukwephuza.
Wo, kwabakhulelweyo nakwabancelisayo ngalezo zinsuku! Ngokuba kuyakuba khona ukuhlupheka okukhulu emhlabeni, nentukuthelo yehlele phezu kwalesi sizwe.
Isambulo sikaJesu Khristu uNkulunkulu amnika sona ukuba akhombise izinceku zakhe izinto ezizokwenzeka masinyane. Wathumela ingelosi yakhe ukuba iyikhombise inceku yakhe uJohane,
Kepha kuyakuthi ngezinsuku lapho ingelosi yesikhombisa isizakubetha icilongo layo, kulapho-ke imfihlakalo kaNkulunkulu iyakube isifeziwe, njengalokhu amemezela ezincekwini zakhe, abaphrofethi, ngezindaba ezijabulisayo.”
izizwe zathukuthela, kwase kufika ulaka lwakho, nesikhathi sokwehlulelwa kwabafileyo, nokunika izinceku zakho umvuzo, abaphrofethi nabangcwele nabesaba igama lakho, abancane nabakhulu, nokubhubhisa ababhubhisa umhlaba.”
Ngase ngibona esinye isibonakaliso ezulwini, esikhulu nesimangalisayo: izingelosi eziyisikhombisa zinezinhlupheko eziyisikhombisa zokugcina, ngokuba ngazo kwase kupheleliswa ulaka lukaNkulunkulu.
Ngokuba uNkulunkulu ufakile ezinhliziyweni zazo ukuba zifeze okuyisinqumo sakhe, zikwenze zimqondo munye, zinike isilo umbuso wazo, aze agcwaliseke amazwi kaNkulunkulu.