Iyakumisa ithende lendlu yayo yobukhosi phakathi kolwandle nentaba enhle engcwele, kepha ilibhekise esiphethweni sayo, akakho ongayisiza.”
UDaniyeli 7:26 - IsiZulu 2020 “ ‘Kepha abehluleli bayakuhlala, bakususe ukubusa kwayo kuqedwe kuphele nya kuze kube phakade. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “ ‘Kepha abahluleli bayakuhlala, basuse ukubusa kwayo kudliwe, kuchithwe kuze kube sekupheleni. Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa ukwahlulela kuyakuhlala, futhi bayosusa ukubusa kwayo, ukuze bayichithe futhi bayibhubhise kuze kube sekupheleni. |
Iyakumisa ithende lendlu yayo yobukhosi phakathi kolwandle nentaba enhle engcwele, kepha ilibhekise esiphethweni sayo, akakho ongayisiza.”
kwaze kwafika omdala wezinsuku, abangcwele boPhezukonke base bevunwa yisigwebo, kwafika isikhathi esinqunyiweyo sokuba umbuso ube ngowabangcwele.
Kulapho-ke eyakwambulwa khona lowo ongenamthetho, eyakumqothula ngomoya womlomo wayo iNkosi uJesu, imbhubhise ngokubonakala kwayo mhla ifika.
Ngalelo hora kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwathi okweshumi komuzi kwawa, kwafa ekuzamazameni komhlaba abantu abayizi-7 000, kwathi abasalayo bashaywa wuvalo, bamdumisa uNkulunkulu wezulu.
Ayakulwa neWundlu; iWundlu liwanqobe, ngokuba liyiNkosi yamakhosi noMbusi wababusi, likanye nabanalo ababiziweyo balo, abakhethiweyo nabathembekileyo.”
ngokuba ziqotho, futhi zilungile izehlulelo zakhe, ngokuba usehlulele isifebe esikhulu esonakalisa umhlaba ngobufebe baso, uliphindiselele igazi lezinceku zakhe esandleni saso.”