UDaniyeli 7:22 - IsiZulu 2020 kwaze kwafika omdala wezinsuku, abangcwele boPhezukonke base bevunwa yisigwebo, kwafika isikhathi esinqunyiweyo sokuba umbuso ube ngowabangcwele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE waze wafika omdala wezinsuku, abangcwele boPhezukonke banikwa ukwahlulelwa, kwafika isikhathi sokuba umbuso ube ngowabangcwele. Contemporary Zulu Bible 2024 kwaze kwafika oMdala wezinsuku, bahlulelwa abangcwele boPhezukonke; futhi safika isikhathi sokuthi abangcwele bathathe umbuso. |
Ngokuba usuku lokuphindisela lwalusenhliziyweni yami; unyaka wokuhlenga kwami usufikile.
Kepha abangcwele boPhezukonke bayakwemukeliswa umbuso, ube ngowabo kuze kube phakade, yebo, kuze kube phakade naphakade.’
“Wayesethi: ‘Isilo sesine siyakuba ngumbuso wesine emhlabeni, oyakwehluka kuyo yonke imibuso, uwudle wonke umhlaba, uwugxobe, uwufihlize.
UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: nina eningilandelayo, ezweni elisha, lapho iNdodana yomuntu isihlezi esihlalweni senkazimulo yayo, nani niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi ezili-12, nehlulele izizwe ezili-12 zakwa-Israyeli.
Kulapho-ke eyakwambulwa khona lowo ongenamthetho, eyakumqothula ngomoya womlomo wayo iNkosi uJesu, imbhubhise ngokubonakala kwayo mhla ifika.
wasenza saba ngumbuso nabaphristi kuNkulunkulu uYise, makube kuye inkazimulo namandla kuze kube phakade. Amen.
Ngase ngibona izihlalo zobukhosi, bahlala kuzo, banikwa amandla okwahlulela. Ngabona imiphefumulo yalabo ababenqunywe amakhanda ngenxa yobufakazi ngoJesu, nangenxa yezwi likaNkulunkulu, nalabo abangakhulekanga kuso isilo nasemfanekisweni waso, nabangalwemukelanga uphawu lwaso emabunzini abo nasezandleni zabo. Baphila babusa noKhristu iminyaka eyinkulungwane.
“ ‘Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengoba nami nganqoba, ngase ngihlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.