Umfula womlilo wawugeleza uqubuka phambi kwakhe. Inkulungwane yezinkulungwane yayimkhonza, nezinkulungwane ezilishumi zezinkulungwane ezilishumi zimi phambi kwakhe; kwahlala abehluleli, izincwadi zavulwa.
UDaniyeli 7:16 - IsiZulu 2020 Ngasondela komunye wababemi lapho, ngabuza kuye iqiniso lakho konke lokhu. Wangitshela, wangazisa incazelo yezindaba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngasondela komunye wababemi khona, ngabuza kuye iqiniso lakho konke lokhu. Wangitshela, wangazisa incazelo yezindaba. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngasondela komunye wababemi khona, ngambuza iqiniso lakho konke lokhu. Kanjalo wangitshela futhi wangazisa incazelo yezinto. |
Umfula womlilo wawugeleza uqubuka phambi kwakhe. Inkulungwane yezinkulungwane yayimkhonza, nezinkulungwane ezilishumi zezinkulungwane ezilishumi zimi phambi kwakhe; kwahlala abehluleli, izincwadi zavulwa.
Wayesesondela lapho ngangimi khona; lapho esefika, ngashaywa luvalo, ngawa ngobuso bami, kepha wathi kimi: “Qonda, ndodana yomuntu, ngokuba umbono ungowesikhathi sokuphela.”
Wangiqondisa, wakhuluma nami, wathi: “Daniyeli, sengiphumele ukukuhlakaniphisa nokukuqondisa.
Ngayibuza ingelosi eyayikhuluma nami, ngathi: “Ziyini lezi?” Yathi kimi: “Lezi yizimpondo ezihlakaze uJuda, u-Israyeli, neJerusalema.”
Ingelosi eyayikhuluma nami yaphuma-ke, kwathi enye ingelosi yeza ukuyihlangabeza.
“Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Uma uhamba ngezindlela zami, ugcine imiyalo yami, uyakuphatha endlini yami, unakekele namagceke ami; ngiyakwenza uhambe phakathi kwalaba abami lapha.
Omunye wamalunga wayesethi kimi: “Ungakhali. INgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, inqobile, ukuze ivule incwadi nezisicilelo zayo eziyisikhombisa.”