Inkosi yase iya esigodlweni sayo, yadlulisa ubusuku izila; izinsimbi ezibethwayo azilethwanga kuyo, ayizange ibuthi quthu ubuthongo.
UDaniyeli 6:19 - IsiZulu 2020 Inkosi yavuka kusempondozankomo, yaphuthuma emphandwini wezingonyama. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Inkosi yavuka ekuseni kakhulu, yashesha yaya emphandwini wezingonyama. Contemporary Zulu Bible 2024 Khona-ke inkosi yavuka ekuseni kakhulu yaphuthuma emphandwini wezingonyama. |
Inkosi yase iya esigodlweni sayo, yadlulisa ubusuku izila; izinsimbi ezibethwayo azilethwanga kuyo, ayizange ibuthi quthu ubuthongo.
Kwathi lapho inkosi isisondele kuwo kuDaniyeli, yamemeza ngezwi elinosizi; yakhuluma, yathi kuDaniyeli: “Daniyeli, nceku kaNkulunkulu ophilayo, ngabe uNkulunkulu wakho omkhonza njalo ukwazile yini ukukuhlenga ezingonyameni na?”
Kwathi seledlulile isabatha, ekuseni kusempondozankomo, ngosuku lokuqala lweviki, kwafika uMariya Magdalena nomunye uMariya, ukuzobona iliba.
nokho angibanga nakho ukuthula emoyeni wami lapho ngingamfumani uThithu umzalwane wami, kodwa ngavalelisa, ngadlulela eMakhedoniya.
Ngakho-ke nami lapho sekungiphelele ukubekezela, ngathumela ukuba ngazi ngokukholwa kwenu, funa kambe umlingi wanilinga, bese ukukhandleka kwethu kuba yize.