UMefibhoshethi indodana kaSawule, wehla naye wayohlangabeza inkosi; wayengazigezanga izinyawo zakhe, engasigundile isilevu sakhe, noma ahlanze izingubo zakhe, kusukela ngosuku inkosi eyahamba ngalo kwaze kwaba lusuku eyabuya ngalo ngokuthula.
UDaniyeli 6:18 - IsiZulu 2020 Inkosi yase iya esigodlweni sayo, yadlulisa ubusuku izila; izinsimbi ezibethwayo azilethwanga kuyo, ayizange ibuthi quthu ubuthongo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Inkosi yase iya endlini yayo yobukhosi, yadlulisa ubusuku izila; izinkenezo zokubethwa azilethwanga kuyo, nobuthongo bayibalekela. Contemporary Zulu Bible 2024 Inkosi yayisingena endlini yayo, yachitha ubusuku izila ukudla; alethwanga izinsimbi zomculo phambi kwakhe, ubuthongo bakhe bamuka kuye. |
UMefibhoshethi indodana kaSawule, wehla naye wayohlangabeza inkosi; wayengazigezanga izinyawo zakhe, engasigundile isilevu sakhe, noma ahlanze izingubo zakhe, kusukela ngosuku inkosi eyahamba ngalo kwaze kwaba lusuku eyabuya ngalo ngokuthula.
Kwathi ukuba u-Ahabi ezwe lawo mazwi, waklebhula izingubo zakhe, wembatha indwangu eyisaka, wazila, walala endwangwini eyisaka, wazulazula ehamba enjengolahliweyo.
Ngalobo busuku inkosi yaqwasha, yase iyala ukuba kulethwe kuyo umqulu womlando okubhalwe kuwo izehlakalo zemihla ngemihla zombuso wayo, zafundwa phambi kwenkosi.
Uzibambile izinkophe zami, amehlo ami awavaleki. Ngikhathazekile, akusakhulumeki.
Ngaziqongelelela isiliva, negolide, nengcebo yamakhosi neyezifundazwe. Ngaqoqa abahlabeleli besilisa nabesifazane, nalokho okuthokozisa amadodana abantu, nezancinza eziningi.
Ngangingadli sinkwa sekhethelo, nenyama newayini akungenanga emlonyeni wami, futhi angizigcobanga nakanye, kwaze kwaphela amasonto amathathu.
Ngonyaka wesibili wokubusa kukaNebukhadinezari, uNebukhadinezari waphupha amaphupho; umoya wakhe wakhathazeka, wayeseqwasha.
Umsindo wababetha ihabhu, owabahlabeleli, owabashaya imitshingo namacilongo, awusophinde futhi uzwakale kuwe. Zonke izingcweti ezenza noma yimiphi imisebenzi azisayukuba bikho kuwe nanini, umsindo wetshe lokusila awusayukuphinde uzwakale kuwe,