UDaniyeli 6:14 - IsiZulu 2020 Kuthe lapho inkosi isiwezwile lawo mazwi, yadabuka kakhulu, yazindla ngoDaniyeli ukuba imkhulule, yazama ukumhlenga kwaze kwaba sekushoneni kwelanga. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lapho inkosi isizwile lawa mazwi, yadabuka kakhulu, yayibeka inhliziyo yayo kuDaniyeli ukuba imkhulule, yazama ukumophula kwaze kwaba sekushoneni kwelanga. Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho inkosi isizwa lawa mazwi, yathukuthela kakhulu, yabeka inhliziyo yayo kuDaniyeli ukuba imkhulule; wasebenza kwaze kwashona ilanga ukumkhulula. |
UHamani wayesethi enkosini u-Ahasheveroshi: “Kukhona isizwe esithile esihlakazakele kuzo zonke izifundazwe zombuso wakho, sinemithetho eyehlukile kweyezizwe zonke. Siyishaya indiva imithetho yombuso wakho. Akulungile ukuba inkosi isiyeke siqhubeke.
Kulabo kwakukhona abantu bakwaJuda: uDaniyeli, uHananiya, uMishayeli, no-Azariya.
Kukhona amadoda abaJuda, owabeke ukuba aphathe isifunda eBhabhele: uShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego; lawa madoda, nkosi, awawunakanga umyalo wenkosi; awabakhothameli onkulunkulu bakho, awakhuleki esithombeni segolide osimisileyo.”
Khona uNebukhadinezari wayaleza egcwele ulaka nentukuthelo, wayaleza ukuba kulethwe uShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego. Alethwa-ke lawo madoda phambi kwenkosi.
Inkosi yadabuka kakhulu, kodwa ngenxa yesifungo eyayisenzile nangenxa yalabo ababehlezi nayo esidlweni, ayithandanga ukwenqaba.