Kodwa kokubili lokhu kuyokwehlela ngokuphazima kweso ngalusuku lunye, ukufelwa ngabantwana nokuba ngumfelokazi kuyokwehlela ngokupheleleyo, phezu kobuningi babalumbi bakho, namalumbo akho edlula ukwenza.
UDaniyeli 5:30 - IsiZulu 2020 Ngalobo busuku uBhelishazari inkosi yamaKhaledi wabulawa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngalobo busuku uBelishasari inkosi yamaKaledi wabulawa. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngalobo busuku uBelishasari, inkosi yamaKaledi, wabulawa. |
Kodwa kokubili lokhu kuyokwehlela ngokuphazima kweso ngalusuku lunye, ukufelwa ngabantwana nokuba ngumfelokazi kuyokwehlela ngokupheleleyo, phezu kobuningi babalumbi bakho, namalumbo akho edlula ukwenza.
Ngakucupha, wabanjwa, Bhabhele, ungakazi ngalokho; wafunyanwa, wabanjwa, ngokuba ulwile noNkulunkulu.
“Lolani imicibisholo, nithathe izihlangu. USimakade uvivise amakhosi aseMediya, ngokuba inhloso yakhe ngeBhabhele ngukuba alibhubhise; lokhu kuyimpindiselo kaSimakade, impindiselo ngethempeli lakhe.
Isigijimi siyagijma, sihlangane nesinye, nesithunywa silandela esinye ukuyobikela inkosi yaseBhabhele, ukuthi umuzi wayo usudliwe nxazonke.
Kuyothi lapho sebefa yindlala, ngibenzele idili, ngibadakise ukuze baquleke, balale ubuthongo baphakade, bangavuki,” kusho uSimakade.
Ngiyakudakisa izikhulu zalo; izihlakaniphi zakhona, izinduna zalo, ababusi balo, namabutho alo; bayakulala ubuthongo baphakade, bangavuki,” kusho iNkosi egama layo nguSimakade Wamabandla.
Ngakho-ke sebezothunjwa babe phakathi kwabokuqala kwabathunjwayo, kuphele ukutamasa kwabanethezekile.