Umphrofethi u-Eliya wamthumelela incwadi, ethi: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu kaDavide ukhokho wakho, uthi: ‘Ngenxa yokuba awuhambanga ngezindlela zikaJehoshafathi, uyihlo, nangezindlela zika-Asa, inkosi yakwaJuda,
UDaniyeli 5:25 - IsiZulu 2020 “Yilo umbhalo owalotshwa: MENE, MENE TEKEL, UFARSIN. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Yilo umbhalo owalotshwa: MENE, MENE TEKEL, UFARSIN. Contemporary Zulu Bible 2024 Nanku umbhalo obhaliwe: MENE, MENE, TEKEL, UFARSIN. |
Umphrofethi u-Eliya wamthumelela incwadi, ethi: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu kaDavide ukhokho wakho, uthi: ‘Ngenxa yokuba awuhambanga ngezindlela zikaJehoshafathi, uyihlo, nangezindlela zika-Asa, inkosi yakwaJuda,
Ukuphakama kwakho sekwehliselwe endaweni yabafileyo, kanjalo nomsindo wezingubhu zenu; izimpethu zendlaliwe phansi kwakho, nezibungu ziyakusibekela.
Kodwa ububi buyakukwehlela, awuyukwazi lapho buvela khona; nengozi iyakuwela phezu kwakho, awuyukuba namandla okuyivika; incithakalo iyokwehlela phezu kwakho ngokuzumayo, ungazi.
Zonke izizwe ziyakumkhonza, yena nendodana yakhe, nendodana yendodana yakhe, kuze kufike isikhathi sokuwa kwezwe lakhe, izizwe eziningi namakhosi amakhulu ayomenza isikhonzi sawo.
Abayukuvuka yini ngokuzumayo labo abakukhokhela inzuzo, abayukuvuka bakuthuthumelise, ube yimpango yabo na?
Wenzile amandla ngengalo yakhe; uchithile abazidlayo ekuzidleni kwenhliziyo yabo.
“Kepha uNkulunkulu wathi kuye: ‘Siwula ndini, ngalobu busuku umphefumulo wakho uzakuthathwa kuwe. Pho-ke ziyakuba ngezikabani lezi zinto ozilungisileyo na?’
USimakade uzonikela u-Israyeli nawe esandleni samaFilisti. Kusasa wena namadodana akho, nizokuba nami; uSimakade uzokunikela nempi yabakwa-Israyeli esandleni samaFilisti.”