ngathi ngeke ngamukele lutho lwakho, ngisho umucwana womchilo wembadada, ukuze ungangijikeli bese uthi: ‘Yimi engimnothisile u-Abhrama.’
UDaniyeli 5:17 - IsiZulu 2020 Wayesephendula uDaniyeli phambi kwenkosi, wathi: “Zigcinele zona izipho zakho, imivuzo yakho uyiphe omunye, nokho ngiyakuyifundela inkosi umbhalo, ngiyazise incazelo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayesephendula uDaniyeli, wathi phambi kwenkosi: “Izipho zakho mazibe kuwe, umuphe omunye imivuzo yakho; nokho ngiyakufundela inkosi umbhalo, ngiyazise incazelo. Contemporary Zulu Bible 2024 UDaniyeli wayesephendula, wathi phambi kwenkosi: “Izipho zakho mazibe ngeyakho, nemivuzo yakho uyinike omunye; kepha ngiyakuyifundela inkosi umbhalo, ngiyazise incazelo. |
ngathi ngeke ngamukele lutho lwakho, ngisho umucwana womchilo wembadada, ukuze ungangijikeli bese uthi: ‘Yimi engimnothisile u-Abhrama.’
Kepha u-Elisha wathi enkosini yakwa-Israyeli: “Nginandabani nawe mina? Hamba uye kubaphrofethi bakayihlo nakubaphrofethi bakanyoko.” Kepha inkosi yakwa-Israyeli yathi kuye: “Hhayi, ngokuba uSimakade uqoqe amakhosi amathathu ukuba awanikele esandleni sabakwaMowabi.”
Kepha, wathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade, angiyukwamukela lutho.” Wamncenga ukuba asamukele, kodwa wenqaba.
Wayesethi: “Inhliziyo yami ibingenawe yini lapho lowo muntu ephenduka enqoleni yakhe ukukuhlangabeza na? Yiso yini isikhathi sokwamukela izingubo, iminqumo, izivini, izimvu, izinkomo, izinceku, nezincekukazi na?
Kepha uma ningazisa iphupho, nilichaza, niyakwamukela kimi izipho, imivuzo nodumo olukhulu, ngakho-ke ngitsheleni iphupho nencazelo yalo.”
Khona lapho uBhelishazari wathi, mabembathise uDaniyeli okubukhwebezane, bafake umgexo wegolide entanyeni yakhe, bakhiphe isimemezelo ngaye sokuthi uyakubusa engowesithathu embusweni.
Kepha uPhethro wathi kuye: “Isiliva lakho malibhubhe kanye nawe, ngokuba ucabanga ukuthi isipho sikaNkulunkulu singathengwa ngemali.