“Yima uqine ebuthakathini bakho, nasemalumbeni akho amaningi obukusebenza kusukela ebusheni bakho, mhlawumbe uzosizakala, mhlawumbe uyokwazi ukudala uvalo.
UDaniyeli 5:15 - IsiZulu 2020 Manje-ke kulethwe phambi kwami abahlakaniphileyo nabathwebulayo ukuba bafunde lo mbhalo, bangazise incazelo yawo, kepha behluleka ukungitshela incazelo yale ndaba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Manje-ke kungeniswe phambi kwami abahlakaniphileyo nabathwebulayo ukuba bafunde lo mbhalo, bangazise incazelo yawo, kepha behluleka ukubonakalisa incazelo yale ndaba. Contemporary Zulu Bible 2024 Manje kwalethwa phambi kwami abahlakaniphileyo, nababuka izinkanyezi, ukuba bafunde lo mbhalo, bangazise incazelo yawo, kepha azikwazanga ukusho incazelo yalolu daba. |
“Yima uqine ebuthakathini bakho, nasemalumbeni akho amaningi obukusebenza kusukela ebusheni bakho, mhlawumbe uzosizakala, mhlawumbe uyokwazi ukudala uvalo.
“Leli phupho ngalibona mina, Nebukhadinezari. Wena-ke Bhelitheshazari, yisho incazelo yalo, ngokuba bonke abahlakaniphileyo bombuso wami abakwazanga ukungitshela incazelo, kepha wena ungakwenza lokho, ngokuba umoya wonkulunkulu abangcwele ukuwe.”
Ngizwile ngawe ukuthi umoya wonkulunkulu ukuwe nokuthi kufunyenwe kuwe ukukhanya, ukuqonda, nokuhlakanipha okwedluleleyo.