Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UDaniyeli 4:32 - IsiZulu 2020

uyakuxoshwa kubantu, uhlale nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, kudlule phezu kwakho izikhathi eziyisikhombisa, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

uyakuxoshwa kubantu, inhlalo yakho ibe nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, kudlule phezu kwakho izikhathi eziyisikhombisa, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.”

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Bayokuxosha kubantu, indawo yakho yokuhlala ibe kanye nezilwane zasendle; bayakukudlisa utshani njengezinkomo, kudlule kuwe izikhathi eziyisikhombisa, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa embusweni wabantu, uwunike lowo athanda ukumnika wona.

Uka jalj uñjjattʼäta



UDaniyeli 4:32
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wakhuleka kuye, wamncenga; wakuzwa ukunxusa kwakhe, wambuyisela futhi eJerusalema embusweni wakhe. UManase wayesazi ukuthi uSimakade nguye onguNkulunkulu.


“Ngiyazi ukuthi ungakwenza konke, icebo lakho alinakuvinjwa.


Bheka, uyabamba, ngubani ongamkhalima na? Ngubani oyakusho kuye, athi: ‘Wenzani na?’


UNkulunkulu wethu usezulwini, wenza konke ngokuthanda kwakhe.


Noma yini uSimakade ayithandayo uyayenza, ezulwini nasemhlabeni, emanzini nasezinzulwini zonke.


Wathi: “Kusasa.” UMose wayesethi: “Makube njengalokhu ushilo ukuze wazi ukuthi akekho noyedwa ofana noSimakade uNkulunkulu wethu.


Ngokuba kulesi sikhathi ngizothumela zonke izinhlupheko zami enhliziyweni yakho, kweyezinceku zakho, nakweyabantu bakho, ukuze nazi ukuthi akekho onjengami emhlabeni wonke.


UMose wathi kuye: “Lapho nje ngiphuma emzini ngizokwelulela izandla zami kuSimakade; ukuduma kuzophela, singabe sisehla nesichotho, ukuze wazi ukuthi umhlaba ungokaSimakade.


Manje, Simakade Nkulunkulu wethu, sisindise esandleni sakhe ukuze yonke imibuso yomhlaba yazi ukuthi Wena wedwa, unguSimakade.”


Impela, izizwe zinjengethonsi esitsheni, zifana nothuli esikalini; uyakuphakamisa iziqhingi njengothuli olucolisekileyo.


Zonke izizwe ziyinto engelutho phambi kwakhe, uzithatha njengento engelutho neyize.


Ngiyakukunika ingcebo yobumnyama, nemfuyo ethukusiweyo ezindaweni ezifihlakeleyo, ukuba wazi ukuthi nginguSimakade okubiza ngegama lakho, uNkulunkulu ka-Israyeli.


Mina ngenzile umhlaba, abantu nezilwane; okusebusweni bomhlaba; ngamandla ami amakhulu, nangezikhwepha zami, futhi ngikunika noma ngubani othandekayo emehlweni ami.


uyaguqula izikhathi nezinkathi; uyasusa amakhosi, abeke amakhosi; unika abahlakaniphileyo ukuhlakanipha, nokwazi kwabaqonda ukwazi;


Kwathi nje izwi lisesemlonyeni wenkosi, kwase kwehla ezulwini izwi, lithi: “We nkosi Nebukhadinezari, kukhulunyiwe kuwe kwathiwa: umbuso usukile kuwe;


waxoshwa kubantwana babantu. Inhliziyo yakhe yaba njengeyezilwane, wahlala nezimbongolo zasendle; wadliswa utshani njengezinkabi, nomzimba wakhe wamanziswa ngamazolo ezulu, waze wazi ukuthi uNkulunkulu oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ubeka amthandayo phezu kwayo.


ukuze bonke abantu emhlabeni bazi ukuthi isandla sikaSimakade sinamandla, nokuba bamesabe uSimakade uNkulunkulu zonke izinsuku.”