UDaniyeli 3:19 - IsiZulu 2020 Khona uNebukhadinezari wathukuthela wafa, nesimo sobuso bakhe saguquka ngenxa kaShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego; wakhuluma wayaleza ukuba isithando somlilo sibaselwe kasikhombisa ngaphezu kwalokho okwejwayeleke ukuba sibaselwe ngakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Khona uNebukadinesari wagcwala ukufutheka, nesimo sobuso bakhe saguquka ngenxa yoShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego; wakhuluma wayaleza ukuba isithando somlilo sishiswe kasikhombisa ngaphezu kwalokho okuke kwabonwa sishiswa ngakho. Contemporary Zulu Bible 2024 Khona uNebukadinesari wagcwala intukuthelo, nesimo sobuso bakhe sashintsha kuShadiraki, noMeshaki, no-Abhedinego; ngakho-ke wakhuluma futhi wayala ukuthi isithando somlilo kufanele sibase ngokuphindwe kasikhombisa kunalokho esijwayele ukushiswa ngaso. |
UHamani ebona ukuthi uMoridekhayi akamguqeli, futhi akamkhothameli, wacasuka kakhulu.
Inkosi yasukuma yashiya idili, yaphuma ithukuthele ibila, yaya engadini yasesigodlweni. UHamani wasala encenga indlovukazi u-Esteri ukuba angabulawa.
Intukuthelo yenkosi ifana nezithunywa zokufa, kepha umuntu ohlakaniphileyo uyayidambisa.
Ozidlayo nozigabisayo yisedeleli igama lakhe, yena owenza konke ngokuziphakamisa okukhulu.
Ngiyoyibeka esandleni sabakuhluphayo, abathi kuwe: ‘Khothama, sihambe phezu kwakho;’ abenze umhlane wakho waba njengomhlabathi, nanjengomgwaqo kulabo abedlulayo.”
Ngalokho inkosi yathukuthela, yafutheka kakhulu, yayaleza ukuba kubhujiswe bonke abahlakaniphileyo baseBhabhele.
Khona uNebukhadinezari wayaleza egcwele ulaka nentukuthelo, wayaleza ukuba kulethwe uShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego. Alethwa-ke lawo madoda phambi kwenkosi.
Wayeseyaleza amadoda anamandla ayengawempi yakhe ukuba abophe uShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego, abaphonse esithandweni somlilo ovuthayo.
Kwase kuhwaqabala ubuso bayo, imicabango yayo yayiyesabisa, kwaxega amanyonga okhalo lwayo, namadolo ayo ashayana.
Inkosi yayaleza, alethwa lawo madoda ayemangalele uDaniyeli, aphonswa emphandwini wezingonyama, wona, abantwana bawo, nomkawo; izingonyama zabathelekela, zaqhobozela amathambo abo bengakafinyeleli naphansi emphandwini.
“ ‘Uma ningangilaleli nangalezi zinto, ngiyonishaya ngokuphindwe kasikhombisa ngenxa yezono zenu.
“ ‘Uma niyohamba nimelene nami, ningavumi ukungilalela, ngiyakunehlisela izinhlupheko eziphindwe kasikhombisa, ngenxa yezono zenu.
nami ngizomelana nani, ngizakunishaya, yebo, ngokuphindwe kasikhombisa, ngenxa yezono zenu.
nami ngizomelana nani ngolaka, yebo, ngizonishaya kuze kube kasikhombisa, ngenxa yezono zenu.