UJosefa wayesethi kuFaro: “Iphupho likaFaro lilodwa. UNkulunkulu umambulele uFaro ngezinto azozenza.
UDaniyeli 2:29 - IsiZulu 2020 “Wena-ke, nkosi, imicabango yakho nokuyakuba khona emva kwalokhu, yafika kuwe usembhedeni wakho; owambula izimfihlakalo ukwazisile okuyakuba khona. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Wena-ke, nkosi, imicabango yakho yokuyakuba khona emva kwalokhu yafika kuwe usembhedeni wakho; owambula izimfihlakalo ukwazisile okuyakuba khona. Contemporary Zulu Bible 2024 Wena-ke, nkosi, imicabango yakho yafika engqondweni yakho embhedeni wakho okuzakwenzeka emva kwalokho; futhi owembula izimfihlo uyakwazisa kuwe okuzokwenzeka. |
UJosefa wayesethi kuFaro: “Iphupho likaFaro lilodwa. UNkulunkulu umambulele uFaro ngezinto azozenza.
“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Kuyakuthi ngalolo lusuku kufike imizindlo enhliziyweni yakho, bese uceba amacebo amabi.
uyambula okujulileyo nokufihlakeleyo; uyazi okusebumnyameni, nokukhanya kuhlezi kuye.
Ngiyakubonga, ngikudumise Wena Nkulunkulu wawobaba, ongiphile ukuhlakanipha namandla, wangazisa esasikucela kuwe, ngokuba usazisile indaba yenkosi.”
Kepha kukhona uNkulunkulu ezulwini owambula izimfihlakalo; wazisile inkosi uNebukhadinezari okuyakuba khona ngezinsuku ezizayo. Iphupho lakho nemibono yekhanda lakho embhedeni wakho nakhu:
Njengalokho wabona itshe ukuthi laqheshulwa entabeni kungengazandla, nokuthi lachoboza insimbi, nethusi, nebumba, nesiliva, negolide; uNkulunkulu omkhulu uyazisile inkosi okuyakuba khona emuva kwalokhu; iphupho liqinisile, nencazelo yalo iyiqiniso.”
Inkosi yamphendula uDaniyeli, yathi: “Ngempela uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, umambuli wezimfihlakalo, njengalokhu ukwazile ukwambula le mfihlakalo.”
Uyabona-ke, Yena owabumba izintaba, wadala umoya, Yena otshela abantu imicabango yakhe, owenza intathakusa ibe ngubumnyama, ohamba ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, igama lakhe nguSimakade, uNkulunkulu Wamabandla.