Ngakho-ke ababi abanakuma ngosuku lokwehlulelwa, nezoni, ebandleni labalungileyo.
UDaniyeli 12:13 - IsiZulu 2020 “Kepha hamba wena kuze kube sekupheleni; sewuphumulile, uyakuma esabelweni sakho ekupheleni kwezinsuku.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Kepha hamba wena kuze kube sekupheleni; usuphumulile uyakuma esabelweni sakho ngasekupheleni kwezinsuku.” Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa wena hamba kuze kube sekupheleni, ngoba uzaphumula futhi ume esabelweni sakho ekupheleni kwezinsuku. |
Ngakho-ke ababi abanakuma ngosuku lokwehlulelwa, nezoni, ebandleni labalungileyo.
Ngakho-ke inhliziyo yami iyathokoza, nomphefumulo wami uyethaba, ngisho nomzimba wami uyohlala ulondekile.
Abahlakaniphileyo bayakukhanya njengokukhazimula kwesibhakabhaka, nabaphendulela abaningi ekulungeni njengezinkanyezi kuze kube phakade naphakade.
Kepha wena Daniyeli, gcina amazwi, unamathelise umqulu kuze kube sesikhathini sokugcina; abaningi bayakwehla benyuka, ukwazi kuyokuba kuningi.”
“Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Uma uhamba ngezindlela zami, ugcine imiyalo yami, uyakuphatha endlini yami, unakekele namagceke ami; ngiyakwenza uhambe phakathi kwalaba abami lapha.
UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: nina eningilandelayo, ezweni elisha, lapho iNdodana yomuntu isihlezi esihlalweni senkazimulo yayo, nani niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi ezili-12, nehlulele izizwe ezili-12 zakwa-Israyeli.
Ngakho-ke lindani, nikhuleke ngezikhathi zonke ukuze nikwazi ukuphunyuka kukho konke lokhu okuzakukwenzeka, nokuba nime phambi kweNdodana yomuntu.”
Ngokuba siyazi ukuthi uma idokodo eliyindlu yethu yasemhlabeni lidilizwa, thina sinesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla, engeyaphakade, esezulwini.
bese nina enihluphekayo aniphe ukuphumula kanye nathi ekwambuleni kweNkosi uJesu, ivela ezulwini, inezingelosi zamandla ayo,
Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi: “Loba ukuthi: babusisiwe abafileyo abafele eNkosini, kusukela manje.” “Yebo,” kusho uMoya, “ukuze baphumule emisebenzini yabo, ngokuba imisebenzi yabo iyabalandela.”