UShishaki wayenezinqola eziyi-1 200, abamahhashi abayizi-60 000, nokhumbintethe lwabantu abaphuma naye eGibhithe: amaLubhi, amaSuki, namaKhushe.
UDaniyeli 11:43 - IsiZulu 2020 Iyakubusa phezu kwengcebo yegolide nesiliva, naphezu kwakho konke okuthandekayo kwaseGibhithe; amaLubi namaKhushe ayakuba sezinyathelweni zayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Iyakubusa phezu kwengcebo yegolide nesiliva, naphezu kwakho konke okuthandiweyo kwaseGibithe; amaLubi namaKushe ayakuba sezinyathelweni zayo. Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa iyoba namandla phezu kwengcebo yegolide nesiliva naphezu kwazo zonke izinto eziyigugu zaseGibhithe, futhi amaLibhiya namaKushe ayolandela ezinyathelweni zayo. |
UShishaki wayenezinqola eziyi-1 200, abamahhashi abayizi-60 000, nokhumbintethe lwabantu abaphuma naye eGibhithe: amaLubhi, amaSuki, namaKhushe.
Ngakho-ke zonke lezi zikhulu zizokuza kimi, zingikhothamele, zithi: ‘Hamba wena nabantu bonke abakulandelayo.’ Emveni kwalokho ngizohamba.” Waphuma wamshiya uFaro evutha bhe wulaka.
IPheresiya, iKhushe nePhuthi kukanye nabo, bonke bephethe izihlangu, befake nezigqoko zensimbi,
Iyakwethuswa yimibiko evela empumalanga nasenyakatho; iyakuphuma ngokufutheka okukhulu ukwenzakalisa nokubhubhisa abaningi.
IKhushe neGibhithe kwakungamandla alo angenakuphela; uPhuthi namaLibhiya kungabasizi bakho.
UBharaki wababizela eKedeshi abakwaZebuloni nabakwaNafethali; amabutho ayizi-10 000 amlandela noDebhora, akhuphuka naye.