UDaniyeli 11:30 - IsiZulu 2020 Imikhumbi yaseKhithimi iyakuyisukela, bese idabuka, ibuye ithukuthelele isivumelwano esingcwele, ifeze; iyakubuya, inake abasishiyile isivumelwano esingcwele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Imikhumbi yaseKitimi iyakuyisukela; bese idabuka, ibuye ithukuthelele isivumelwano esingcwele, ifeze; iyakubuya, inake abasishiyile isivumelwano esingcwele. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba imikhumbi yaseKitimi iyakufika kuye; ngakho-ke uyoba lusizi futhi abuye futhi athukuthelele isivumelwano esingcwele; kanjalo uzokwenza; uyobuya futhi abe nokuqonda nabashiya isivumelwano esingcwele. |
Ngabona ukuthi wayengathunywanga nguNkulunkulu, kodwa wayeqashwe nguThobiya noSanibhalathi ukuba asho leso siphrofetho ngami.
Isiphrofetho ngeThire. Lilani Mikhumbi yaseTharishishi, ngokuba indlu yenu ishatshalalisiwe, nokungena kwayo ivela eKhithimi kwambuliwe.
Wathi: “Awusayukujabula wena ntombi ethelwe ngehlazo, ndodakazi yaseSidoni; vuka, uwelele eKhithimi, nalapho awuyukukuthola ukuphumula.”
Welelani eziqhingini eKhithimi, nibone, thumelani eKhedari, niqonde kahle, nibone ukuthi yake yenzeka yini into enjengalena na?
Ngemi-okhi yaseBhashani benzile izigwedlo zakho; indawo yakho okuhanjwa kuyo bayenze ngomsayiphuresi ovela eziqhingini eKhithimi, bayihlobisa ngophondo lwendlovu.
Bese ibuyela ezweni lakubo inempahla eningi, inhliziyo yayo imelane nesivumelwano esingcwele; isikwenzile lokho, iyakubuyela ezweni lakubo.
“Ngesikhathi esinqunyiweyo iyakubuya, iye eningizimu, kepha akuyukuba sekugcineni njengasekuqaleni.
Iyakukhuluma amazwi amelene noPhezukonke, ibakhathaze abangcwele bakhe; icabange ukuguqula izikhathi ezimisiweyo nomthetho. Bayakunikelwa esandleni sayo kuze kube yisikhathi, nezikhathi, nengxenye yesikhathi.
Kuyakuvela imikhumbi eKhithimi eyakuhlupha u-Ashuri no-Ebhere, nabo bagcine ngokubhujiswa.”
Ngakho-ke jabulani nina mazulu nalabo abahlala kuwo. Maye, kuwe mhlaba, nakuwe lulwandle, ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi kahle ukuthi isikhathi sifushane!”