Wayesesuka ku-Elisha, wabuyela enkosini yakhe, yathi kuye: “Utheni kuwe u-Elisha na?” Wathi: “Uthe, wena uyakusinda nokusinda.”
UDaniyeli 11:26 - IsiZulu 2020 Abadla ukudla kwayo okumnandi bayakuyibhubhisa, impi yayo ikhukhulwe; abaningi bayakuwa phansi begwaziwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abadla ukudla kwayo okumnandi bayakuyibhubhisa, impi yayo ikhukhulwe; abaningi bayakuwa phansi begwaziwe. Contemporary Zulu Bible 2024 Yebo, labo abadla isabelo sokudla kwakhe bayoyibhubhisa, futhi impi yayo iyokhukhulwa, futhi abaningi bayowa bebulewe. |
Wayesesuka ku-Elisha, wabuyela enkosini yakhe, yathi kuye: “Utheni kuwe u-Elisha na?” Wathi: “Uthe, wena uyakusinda nokusinda.”
Amadodana ayo ayakuhloma, abuthe isixuku sezimpi eziningi; ziyakufika nokufika, zikhukhule, zidlule; ziyakubuya, zilwe kuze kube senqabeni yayo.
Ngamandla esifufula bayakukhukhulwa ebusweni bakhe, babhujiswe, yebo, nesikhulu sesivumelwano.
“Ngesikhathi sokugcina inkosi yaseningizimu iyakulwa nayo; inkosi yasenyakatho iyakuza kuye njengesishingishane inezinqola, nabamahhashi, nemikhumbi eminingi, iyakungena ngaphakathi ezweni, ikhukhule, idlule.
Kepha waphendula, wathi: “Lowo ofake isandla kanye nami esitsheni, nguye ozakungikhaphela.
“Angikhulumi ngani nonke, ngokuba ngiyabazi engibakhethileyo. Kepha ukuze kugcwaliseke umbhalo othi: “ ‘Odla isinkwa sami ungiphendukele.’