UDaniyeli 11:19 - IsiZulu 2020 Uyakuphendulela ubuso bakhe ezinqabeni zezwe lakubo, kepha uyakukhubeka, awe, angabe esafunyanwa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Useyakubuphendulela ubuso bakhe ezinqabeni zezwe lakubo, kepha uyakukhubeka, awe, angabe esafunyanwa. Contemporary Zulu Bible 2024 Khona-ke uyophendulela ubuso bakhe enqabeni yezwe lakhe, kodwa uyokhubeka awe, angatholakali. |
Lapho abenzi bokubi besondela kimi ukuba bangisoconge, abamelene nami nezitha zami bayokhubeka, baqumbeke phansi.
Kwathi lapho ngedlula ngalapho, wayengasabonwa nangalukhalo, ngamfuna, kodwa angabe ngisamfumana.
Umhlaba uzontengezela njengodakiweyo, untengantenge njengexhokovana, isiphambeko sawo siyakuba nzima phezu kwawo, uwe ungaphinde uvuke nanini.
“Onejubane makangakwazi ukubaleka, neqhawe malingaphunyuki; elingasenyakatho eceleni komfula u-Yufrathe, bayakukhubeka, bawe.
Ngiyakwenza isiphetho sakho sibe ngokwesabekayo, ungabe usaba bikho; uyakufunwa, kodwa awuyukutholakala kuze kube phakade,” kusho iNkosi uSimakade.
“Kepha ehlumeleni lezimpande zayo kuyakuvela omunye esikhundleni sayo oyakuya empini, angene enqabeni yenkosi yasenyakatho, amelane nabo, abahlule.