Kwase kusuka uHazayeli, inkosi yase-Aramu, walwa neGathi, walinqoba. UHazayeli wayesebhekisa amabombo eJerusalema.
UDaniyeli 11:17 - IsiZulu 2020 Uyakubhekisa ubuso bakhe ukuze afike nombuso wakhe namandla kanye nezinto ezilungileyo bese enza isivumelwano naye, azenze; uyakumnika indodakazi yabesifazane, ayenzakalise, kepha ayiyukuma, futhi ayiyukuba ngeyakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyakubhekisa ubuso bakhe ukufika namandla ombuso wakhe wonke kanye nezivumelwano, azenze; uyakumnika indodakazi yabesifazane, ayonakalise, kepha ayiyikuma, ingabi ngowakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Iyakubhekisa ubuso bayo ukungena ngamandla ombuso wayo wonke, nabaqotho kanye nayo; uyakwenza njalo: uyakumnika indodakazi yabesifazane, ayichithe; kodwa ngeke ame ngakuyo futhi angabi ngakuye. |
Kwase kusuka uHazayeli, inkosi yase-Aramu, walwa neGathi, walinqoba. UHazayeli wayesebhekisa amabombo eJerusalema.
UJehoshafathi wesaba, wayesezinikela, wafuna uSimakade, wamemezela ukuzila ukudla kulo lonke elakwaJuda.
Izitha zami bese zibuyela emuva mhla ngikhalayo, ngiyakwazi lokhu, ukuthi uNkulunkulu unami.
Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu, kepha inhloso kaSimakade iyokuma.
UFaro, ngempi yakhe enkulu nebandla elikhulu analo, akayukumsiza empini, nalapho kwenziwa indunduma, kwakhiwa udonga lokuvimbezela ukuze kubulawe abantu abaningi.
“Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kwabakwa-Amoni, uphrofethe ngabo, umelene nabo,
Zithathele ucwecwe lwensimbi, ulwenze lube ludonga lwensimbi phakathi kwakho nomuzi, ubhekise ubuso bakho kuwo, wona uyakuvinjezelwa, uyakuwuvimbezela. Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kuyo indlu yakwa-Israyeli.
Uyobhekisa ubuso bakho ekuvinjezelweni kweJerusalema, ingalo yakho ingemboziwe; uphrofethe, umelane nalo.
Uyakuphendulela ubuso bakhe ezinqabeni zezwe lakubo, kepha uyakukhubeka, awe, angabe esafunyanwa.
Emva kwalawo masonto angama-62 ogcotshiweyo uyakunqunywa angabi namuntu; umuzi nendlu engcwele kuyakuchithwa ngabantu bombusi ozayo, ukuphela kwakho kube sesikhukhuleni, kube ngukulwa kuze kube sekugcineni; incithakalo inqunyiwe.
Sonke ngothi lwaso sitheleka ngendluzula, ubuso baso buqonde ngqo phambili; sibutha abathunjwa njengesihlabathi.
Kwathi sekusondele izinsuku zokuba enyuselwe ezulwini, wanquma ukuya eJerusalema.
Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?