Waphendula wathi: “Ngizwe izigi zakho ensimini, ngase ngesaba ngoba ngihamba ze, ngacasha.”
UDaniyeli 10:7 - IsiZulu 2020 Mina, Daniyeli, yimi ngedwa engawubona umbono, ngokuba abantu ababenami abawubonanga, kepha behlelwa ngukuthuthumela okukhulu, babaleka bayocasha. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Mina, Daniyeli, kuphela ngawubona umbono, ngokuba abantu ababe nami abawubonanga umbono, kepha behlelwa ngukuthuthumela okukhulu, babaleka ukuba bacashe. Contemporary Zulu Bible 2024 Mina, Daniyeli, ngawubona ngedwa umbono lowo, ngokuba abantu ababe nami abawubonanga umbono; kodwa ukuthuthumela okukhulu kwehlela phezu kwabo, baze babaleka ukuze bacatshe. |
Waphendula wathi: “Ngizwe izigi zakho ensimini, ngase ngesaba ngoba ngihamba ze, ngacasha.”
Ngena edwaleni, ucashe othulini, ngenxa yokwesabeka kukaSimakade nenkazimulo yobukhosi bakhe.
“Ukhona yini ongacasha ezindaweni ezisithekileyo ukuze ngingamboni na?” kusho uSimakade. “Angiligcwalisi yini izulu nomhlaba na?” kusho uSimakade.
“Ndodana yomuntu, yidla isinkwa sakho uqhaqhazela, uphuze amanzi akho uthuthumela, futhi wesaba,
“Kepha labo ababenami bakubona ukukhanya, kodwa izwi lowakhuluma nami abalizwanga.
Amadoda ayehamba naye ayemi ekhungathekile, ngokuba alizwa izwi, kodwa awabonanga muntu.
Yebo, umbono wesabeka kangaka, waze wathi uMose: “Nginovalo olukhulu, ngiyathuthumela.”