Laba bafana abane uNkulunkulu wabanika ukwazi nokuqonda encwadini nasekuhlakanipheni; uDaniyeli wayenengqondo kuyo yonke imibono namaphupho.
UDaniyeli 1:18 - IsiZulu 2020 Ngasekugcineni kwezinsuku inkosi eyayishilo ukuthi bazakungeniswa ngazo, induna yabathenwa yabangenisa phambi kukaNebukhadinezari. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngasekugcineni kwezinsuku inkosi eyayishilo ukuthi bazakungeniswa ngazo, induna yabathenwa yabangenisa phambi kukaNebukadinesari. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi ekupheleni kwezinsuku inkosi eyayithe mabangeniswe ngazo, induna yabalindi yabangenisa phambi kukaNebukadinesari. |
Laba bafana abane uNkulunkulu wabanika ukwazi nokuqonda encwadini nasekuhlakanipheni; uDaniyeli wayenengqondo kuyo yonke imibono namaphupho.
Inkosi yakhuluma nabo; phakathi kwabo bonke akufunyaniswanga muntu onjengoDaniyeli, uHananiya, uMishayeli, no-Azariya, ngenkathi sebemi phambi kwenkosi.
Inkosi yabamisela isabelo semihla ngemihla sokudla kwenkosi nesewayini eliphuzayo, ukuba bondliwe iminyaka emithathu; kuyakuthi ngasekugcineni kwayo, bame phambi kwenkosi.
UDaniyeli wayesengena, wacela enkosini ukuba imnike isikhathi ukuze abonise inkosi incazelo.