Wayesethi uDaniyeli encekwini, induna yabathenwa eyayibekwe phezu koDaniyeli, uHananiya, uMishayeli, no-Azariya:
UDaniyeli 1:12 - IsiZulu 2020 “Ake ulinge izinceku zakho izinsuku ezilishumi, basiphe imifino yokudla namanzi okuphuza. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ake ulinge izinceku zakho izinsuku eziyishumi, basiphe imifino yokudla namanzi okuphuza. Contemporary Zulu Bible 2024 Zivivinye izinceku zakho izinsuku eziyishumi; futhi mabasinike imifino ukuze sidle namanzi ukuba siphuze. |
Wayesethi uDaniyeli encekwini, induna yabathenwa eyayibekwe phezu koDaniyeli, uHananiya, uMishayeli, no-Azariya:
Bese kuvezwa ubuso bethu phambi kwakho nobuso babafana abadla isabelo sokudla kwenkosi, wenze ezincekwini zakho njengokubona kwakho.”
Omunye ukholwa ukuthi angakudla konke, kodwa obuthakathaka udla imifino kuphela.
Wakuthobisa, wakulambisa, wakupha ukuba udle imana obungayazi, nababengayazi ngisho okhokho bakho ukuze akwenze wazi ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa, kodwa ngakho konke okushiwo nguSimakade; yilokho umuntu aphila ngakho.
Ungakwesabi lokho ozakuhlupheka ngakho. USathane uzakubaphonsa ejele abanye benu ukuze nilingwe, futhi nizakuhlupheka izinsuku ezilishumi. Thembekani kuze kube sekufeni, ngizakuninika umqhele wokuphila.